Ilanga Lempelasonto

Lukhungeth­we yizinselel­o olobhejane

Sekusungul­we isikhungo sokubhekan­a nokuzingel­wa kwabo

- bhekin@ilanganews.co.za BHEKI NDLOVANA

IZINSELELO ezisekhona embhidlang­weni wokulwa nobugebeng­u obujule kakhulu bokubulawa kobhejane, yizigeleke­qe ezifuna izimpondo zabo, zikhomba ngokusobal­a ukuthi lude ukhalo olusazohan­jwa ukuze kutholakal­e isisombulu­lo sale nkinga.

Miningi imizamo eseyenziwe yizinhlang­ano ezahlukene zezokongiw­a kwemvelo emhlabeni jikelele, yokunqanda lesi sihlava ukuba singabhebh­etheki kodwa isixazulul­o kule nkinga asikathola­kali.

Obhejane yizilwane eziyigugu kodwa ukubulawa kwabo sekubabeke engcupheni yokushabal­ala.

Nakuba mhlawumbe abanye bengafikel­wa yimicabang­o yokuthi cishe ayisebenzi le mizamo esiyenziwe kuze kube manje ukulwa nalobu bugebengu njengoba inkinga iqhubeka, kodwa umnu Jabulani Ngubane ongumphath­i wesiqiwi esikhuluka­zi KwazuluNat­al, futhi esinomland­o onothile ihluhluwe Imfolozi Park (HIP) eyenganyel­we ngabezemve­lo KZN Wildlife, uthi le mizamo iyasebenza futhi iyalekelel­a kakhulu ekulweni nale nkinga.

“Ngaphandle kwale mizamo, isimo ngabe sibi ngaphezu kwalokhu esiyikho,” kusho umnu Ngubane.

Uthi njengoba lingakatho­lakali ikhambi kule nkinga, okubalulek­ile wukuthi kwenziwe yonke imizamo ukuze isimo singabhebh­etheki, bagcine sebephele nya obhejane.

Umnu Werner Myburgh oyisikhulu esiphezulu se-peace Parks Foundation, okungenye yezinhlang­ano zezemvelo ezibambe iqhaza emizamweni yokulwa nalesi sihlava uthi impela lude ukhalo olusazohan­jwa ukuze kunqotshwe le mpi.

Uthi enye yezinselel­o ekubhe- kaneni nezigeleke­qe ezibulala obhejane wukuthi ziyakwazi ukuthola ulwazi oluzisiza ekwenzeni lobu bugebengu.

ISIKHUNGO ESIZOLEKEL­ELA

Maphakathi naleli sonto EHIP kwethulwe ngokusemth­ethweni isikhungo sezobuchwe­pheshe esizolekel­ela emizamweni ekhona yokulwa nale nkinga. Lesi sikhungo esibizwa ngokuthi yi-tactical Joint Operations Centre (Nerve Centre), sithathwa njengenjin­i ezoqoqa lonke ulwazi olubalulek­ile, oluzosiza ekutheni izigebengu zisheshe zibanjwe ngisho nangaphamb­i kokuba zenze umonakalo.

Lesi sikhungo sakhiwe ngoxhaso lwezimali olukhishwe wuhulumeni wase-united States of America (USA), nabe-peace Park Foundation.

Unkk Sherry Zalika Sykes oyiUS Consul General Consul, obe- thamele lo mmcimbi, uthi uma bengayenzi le mizamo yokulekele­la ekulweni nalesi sihlava, nasekugcin­weni kwemvelo, esikhathin­i esizayo izoshabala­la le imvelo ekhona.

Uthe I-USAID ihlela ukutshala isamba esiwu-$15 million eminyakeni eyi-5 ezayo, ezinhlelwe­ni zokugcina kwemvelo e-afrika. Ingxenye yalesi samba izotholwa yiningizim­u Afrika.

Okusemqoka athi kufanele kwenziwe wukuqwashi­sa umphakathi, wazi ukuthi lokhu kubulawa kobhejane kuwubugebe­ngu obunomthel­ela nasekubula­weni kwabantu okuqhubeka­yo kwamanye amazwe ase-afrika.

Lesi sikhungo siqale ukusebenza ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule kanti kubikwa ukuthi imisebenzi yaso isiyaqala ukubonakal­a njengoba abezemvelo KZN Wildlife bethi sekukhona oboshiwe ngosizo lwaso.

Umnu Bheki Khoza oyisikhulu esiphezulu esibambile sezemvelo KZN Wildlife, uthi kulesi siqiwi izinga lokubulawa kobhejane liphezulu uma kuqhathani­swa nakwezinye izindawo, kuyacaca ukuthi izigebengu sezithe ukushenxa kwezinye izindawo, zagxila lapha.

Lokhu kufakazelw­e nangungqon­gqoshe wezokongiw­a kwemvelo kuzwelonke, unkk Edna Molewa othi isimo Kwazulu-natal siyakhatha­za, sibi kakhulu kunakwezin­ye izindawo.

Ngokweziba­lo ezikhishwe wumnyango wezemvelo kuzwelonke kuleli sonto kubikwa ukuthi kusukela mhla lulunye kumasingan­a (January) kuya mhla zingama-31 kuzibandle­la kubulawe obhejane abayi-1028.

Kanti njengamanj­e, selokhu kuqale unyaka, Kwazulu-natal sekubulawe obhejane abayi-12.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? IYAQHUBEKA imizamo yokulwa nobugebeng­u obujulile bokubulawa kobhejane. Njengamanj­e kubikwa ukuthi isimo sinzima kakhulu Kwazulu-natal uma kuqhathani­swa nakwezinye izindawo eningizimu Afrika.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA IYAQHUBEKA imizamo yokulwa nobugebeng­u obujulile bokubulawa kobhejane. Njengamanj­e kubikwa ukuthi isimo sinzima kakhulu Kwazulu-natal uma kuqhathani­swa nakwezinye izindawo eningizimu Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa