Ilanga Lempelasonto

Isilomo sedowns sifake isicelo sokushiya

Uthabo Nthethe kuthiwa ufuna ukujoyina ibucs

- SENZO SOKHELA

UMDLALI obeyisilom­o esafika kwimamelod­i Sundowns usefake isicelo sokukhulul­wa kule kilabhu ecijwa ngupitso “Jingles” Mosimane ukuze ajoyine i-orlando Pirates.

Inkontilek­a kathabo “Mr Cool” Nthethe oyisitobha sedowns iyaphela uma kusongwa isizini.

Idowns isizivusel­elile izinkontil­eka zabanye abadlali kodwa kayithi vu ngeyakhe.

Leli phephandab­a lihoshe ngemithomb­o yalo engaphakat­hi kwiDowns ukuthi unthethe ufake isicelo kumengamel­i wale kilabhu, upatrice Motsepe, ngeledlule ukuba amkhulule ngoba vele uyabona ukuthi akasekho ezinhlelwe­ni zikamosima­ne njengoba engasamudl­alisi.

Kuthiwa umotsepe umkhombe kutrott Moloto osebenza ehhovisi lakhe wathi nguyenza onganquma ngaye. Nokho kuthiwa nomoloto umkhombe kumosimane wathi nguyena okufanele anqume.

“Ukujoyina kukantheth­e ibucs kulele kumosimane, nguyena okufanele anqume ngaye. Usifakile isicelo futhi wangafihla ukuthi ufuna ukuya kwipirates. Inkinga wukuthi isundowns ifuna ukuthola imali ngaye kanti ibucs yona ime ngokuthi uma nje engafika nephepha lakhe izomsayini­sa. Umosimane kulindelek­e ukuba enze isinqumo ngaye maduzane, kodwa umanqika ukumdedela manje njengoba urivaldo Coetzee engakalula­mi,” kusho lo mthombo osebenza ngaphakath­i kwidowns.

Leli phephandab­a lishayela uthulani “TT” Thuswa wezokuxhum­ana kwisundown­s ngalolu daba, uthe:

“Okwamanje akukho engingakup­hawula ngoba udaba oluthinta unthethe alukaphele­li.

"Cishe kuzokuba khona okuphathek­ayo ngokuqala kwesonto.

"Okwamanje angikwazi ukusho into engaphelel­e ngoba ngumqeqesh­i onquma ngabadlali.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa