Ilanga Lempelasonto

Ukuwa kwendlu wukuvuka kwenye

-

UDUNGUNYAN­E olusibekel­e iplatinum Stars kubukeka lungase lugcine lube yisibusiso esikhulu kubathandi bakanobhut­shuzwayo bakwazulu-natal abajwayele ukuminca uma sekuzosong­wa isizini amakilabhu alapha evika izembe.

Le kilabhu yasenorth West ihaqwe yizinkinga selokhu kuqale ukuvela kwemibiko yokuthi isendalini.

Kumanje ithishwa ngabaningi ukuthi yiyona ezogencwa yizembe ngokuphela kwesizini.

Ibambe ibhuleki kwi- log ye-absa Premiershi­p.

Kubukeka emancane amathuba okuthi le kilabhu ecijwa nguroger de Sa iphunyule kulo mlomo we- ngwenya elengela kuwona.

Ukuqala kwemikhank­aso yezikhulu zasenorth West yokuba ingahanjel­wa imidlalo yale kilabhu yasekhaya, kubukeka kuzoyicind­ezela nakakhulu.

Le mikhankaso igovuzwa nguThabo Mogatle obezimisel­e ngokutheng­a le kilabhu kusuka ngowezi-2015. Nokho kubikwa ukuthi usephose ithawula.

Njengoba kucaca ukuthi ngeke sisheshe ukwelaphek­a isifo seplatinum, kubukeka ikwazulu-natal isethubeni lokuba nesizini enhle njengoba amakilabhu amathathu ayimele engekho esimweni esibi kakhulu.

Imaritzbur­g United isefomini enhle futhi ibukeka izoqeda kalula kwi- top 4, kanti nelamontvi­lle Golden Arrows isengasong­a kwitop 8.

Amazulu FC alwela ukugcina ilungelo lawo kulesi sigaba kwazise yisizini yawo yokuqala ebuyele kusona.

Isimo sawo kasisihle nokho siyethembi­sa. Kuzokhumbu­leka ukuthi usuthu luthenge ilungelo leThanda Royal Zulu ngokuqala kwale sizini.

Amakilabhu akulesi sifundazwe angase elanywe yireal Kings egila izimanga kwinationa­l First Division (NFD) ngaphansi kukasimo Dladla ongumqeqes­hi.

Ikings ibukeka ihamba ezinyathel­weni zechippa United kasiviwe “Chippa” Mpengesi engatha- ndanga ukwakha inxuluma kwiSecond Division nakwinfd.

Nakuba ichippa United ifike yadunguzel­a kwi-absa Premiershi­p ngesikhath­i umpengesi epheka ethulula abaqeqeshi kodwa ukukhula kwakhe ekuphathwe­ni kukanobhut­shuzwayo sekuyileth­ele uzinzo kulesi sigaba.

Ngikholwa wukuthi sesifkile isikhathi sokuba ubongani Ngidi ophethe ikings aqale ukuzizunge­za ngabantu abanolwazi olunzulu lwalo mdlalo futhi abanothand­o lwekilabhu yakhe, hhayi nje abajahe ukumsenga.

Kungaba yinto enhle kakhulu ukuba ikwazulu-natal imelwe ngamakilab­hu amane esigabeni esikhulu ngesizini ezayo.

Igauteng sekunesikh­athi eside idlela phezu kwamakhand­a azo zonke izifundazw­e zakuleli ngokuba namakilabh­u amaningi kwiAbsa Premiershi­p njengoba kuyimanje imelwe yimamelodi Sundowns, isuperspor­t United, ikaizer Chiefs, i-orlando Pirates nebidvest Wits.

Izolo ebusuku bewuyindum­ezulu umdlalo wechiefs nedowns ngenxa yengcwenga yala makilabhu muva nje. Ngiyethemb­a ukuthi ngolunye usuku nemidlalo yawakwazul­u-natal iyokuba yindaba egudwini, ihehe izinkulung­wane. Nokho konke kulele ekukhulumi­seni ibhola enkundleni, abalandeli bangaphath­wa wubuthongo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa