ABE-PSG BACHITHA EKA-NEYMAR NE-REAL MADRID

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo -

IPARIS Saint-germain (PSG) yaseFrance isidalule ukuthi akayi ndawo uneymar wasebrazil omataniswa nereal Madrid yasespain.

Lo mdlali ujoyine IPSG esuka kwibarcelona yasespain.

Kuthiwa imadrid eyizimbangi ezinkulu zebarcelona imfuna uthuli lo mdlali.

U-unai Emery ololonga IPSG uthi phansi amaphaphu kubalandeli bale kilabhu. Uthi akayi ndawo lo mdlali.

“Ngicabanga ukuthi kukhona abaphume umkhankaso wokudunga ikilabhu yethu. Uneymar sifuna ukuthi abe ngumdlali ohamba phambili emhlabeni.

"Usazohlala lapha ekilabhini. Uhlale ekugcizelela ukuthi uyaku- jabulela ukuhlala lapha eparis. Abalandeli bethu akumele batatazeliswe yizinkulumo ezingenalo iqiniso,” kusho lo mqeqeshi.

Uphinde wabalisa ngokuhlawuliswa kukadani Alves ozokweqiwa yimidlalo emithathu engadlali. Lo mqeqeshi uthi amathemba akhe uzowabeka kuthomas Meunier oyibamba esiswini. Imadrid ibibhekene nevalencia izolo ntambama kowespanis La Liga.

Imidlalo yela Liga namuhla ngeSonto ihlelwe kanje:

Leganès vs Espanyol 13h00. Atlètico Madrid vs Las Palmas 17h15.

Sevilla vs Getafe 19h30. Barcelona vs Deportivo Alavès 21h45.

KUSASA NGOMSOMBULUKO Celta de Vigo vs Real Betis 22h00.

Ichelsea izokwamukela inewcastle United kowefa Cup namuhla ngesonto ngo-15:30 kanti imanchester City izovakashela icardiff City namuhla ngo-18:00 kowefa Cup.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.