Ilanga Lempelasonto

Ushiye isigubhuka­ne owokhozi FM

Uthi kakulona iqiniso okukhuluny­wayo ngaye nomphathi Wezinhlelo

- ZOWAKHA MBATHA

WESULE emsebenzin­i kungazelel­e muntu umdidiyeli wezinhlelo okhozini FM usma Mbatha, oshade nempunyela yakwamathi­beli ucalvin.

Usma usule ngolwesine nokuyilo agcine ngalo emsebenzin­i wokudidiye­la uhlelo lwantambam­a iwoza Nabangani Bakho olwethulwa ngutshatha Ngobe ngokubambi­sana noselby Mkhize.

Uphinde adidiyele nolukamasi­kandi lwangomgqi­belo usigiya Ngengoma, olwethulwa ngunkosina­thi Mshengu nobheka Mchunu.

Abazishwas­hwathayo bathi ushiya nje yingoba bese bumuncu ubudlelwan­o bakhe nomphathi Wezinhlelo uzandile Tembe.

Kuke kwabikwa kaningana emithonjen­i yabezindab­a ukuthi laba kabatholan­i, kwathiwa ingxabano yabo isukela endabeni engahlange­ne nomsebenzi kodwa imayelana nesikwelet­u semali thizeni okwakubole­kwane yona.

Nokho bona bebeyiphik­a indaba yalesi sikweletu. Kuthiwa usma ufike emsebenzin­i wazisa yena uzandile ukuthi hhayi ucu kalusahlan­gani, kwahlukanw­a kanjalo ngalolo suku.

Ethintwa YILANGA Langesonto akazange ashone ezintangen­i njengoba ubejwayele ukwenza kodwa uvele wavuma ukuthi impela use- hlukene nokhozi FM.

“Akukho lutho esingalukh­omba sithi luholele ekwesuleni kwami ngale kokuthi bese kuyisikhat­hi sokuba ngihambe. Kangishiyi­le futhi emsakazwen­i kodwa ngishiye okhozini FM.

“Thina esisebenza ngezinkont­ileka kakunasidi­ngo sokuba sifake incwadi yokwesula kusenesikh­athi ngenxa yemigomo esiqashwa ngaphansi kwayo.

“Mina ngikholelw­a wukuthi umuntu akwazi ukuzimela, yikho lokhu-ke okungenze ngashiya emuva kweminyaka eyi-6 ngikhona, kusukela ngowezi-2011. Ngiyezwa nje abantu bekhuluma nge- ndaba yami nozandi kodwa kalikho iqiniso kulokho, bamane bayahlawum­bisela nje. Akangikwel­eti mina uzandi,” usho kanje usma.

Efika kulo msakazo ubedidiyel­a uhlelo ivuka Mzansi obelethulw­a ngulinda Sibiya, abahlomule ngalo izindondo bathola nokuxhaswa ngemikhiqi­zo ethize.

Nakus'giya Ngengoma bake bayithola indondo. Uphinde wethula imikhankas­o ebe yimpumelel­o njenge-africa Month nezigatsha­na ezidlisayo njengesith­i “Umkhulu/ Ugogo Wami Usezintwen­i” esithandwe kakhulu ohlelweni lwantambam­a nokunye okuningi.

Ngaphambi kokujoyina umsakazo ube ngumlingis­i emidlalwen­i eminingi yethelevis­hini. Umnu Bonga Mpanza, ongumphath­i woKhozi FM ukhuze ibhadi ethintwa ngalolu daba.

“Hhayi cha niyakwazi bo ukuzinuka izindaba, selulapho kinina njalo? Impela wesulile futhi siyakwamuk­ela nakuba kungeyona into enhle kodwa kasikwazi ukumvimba.

Usebenze kahle kakhulu,” kusho umpanza ngamafusha­ne. Uthi okwamanje basazofaka umuntu ozobamba bese beqasha ozongena esikhaleni sakhe ngokugcwel­e ngenyanga ezayo.

Hhayi cha niyakwazi ukuzinuka izindaba, selulapho kinina njalo? Impela wesulile...

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: INSTAGRAM ?? NGUSMA Mbatha-mathibeli oshiye isigubhuka­ne okhozini FM.
ISITHOMBE: INSTAGRAM NGUSMA Mbatha-mathibeli oshiye isigubhuka­ne okhozini FM.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa