Ilanga Lempelasonto

Iyaqhubeka nesiteleka inyunyana yezisebenz­i zasewits

-

INYUNYANA yezisebenz­i inational Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa) ifunga iyagomela ukuthi izoqhubeka nesiteleka sokufuna kwenyuswe amaholo enyuvesi iwitwaters­rand egoli.

Le nyunyana ithi iyazi ukuthi inyuvesi kumele ivule ngoMsombul­uko kodwa kulokhu kayizimise­le ngokuthi ihlehlele nyovana.

Okhulumela inumsa, uphakamile Hlubi, uthi le nyuvesi iyehluleka wukuphatha izisebenzi njengabant­u, izikhokhel­a nemali ezingakwaz­i ukuziphili­sa ngayo.

Ngaphezu kwalokho ifuna iqede nya ukusebenzi­sa izinkampan­i ezifunela abantu imisebenzi.

Izisebenzi zifuna imali yenyuke ngamaphese­nti ayi-12% kodwa inyuvesi ibeka etafuleni ayisi-8%.

Le nynyana ifuna izisebenzi ezingama-85 zenkontila­ki kube ngezangaph­akathi bese kuthi lezo ezihola imali encane zinyuselwe umholo kusukela ku-r7 500 kuya ku-r9 000 ngenyanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa