Ilanga Lempelasonto

Umdonsiswa­no ngomcimbi wamahlaya

Ugrootboom usolwa ngokwesula ngenxa yophenyo

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

SEKUQUBUKE indida ngobunikaz­i bomcimbi wamahlaya wodumo ethekwini obizwa ngokuthi yi-99% Zulu Comedy njengoba kungacaci ukuthi ngempela ngokabani.

Kuleli sonto umasipala weTheku utshele ILANGA

Langesonto ukuthi lo mcimbi ngowawo (umasipala) kodwa umnu Monwabisi Grootboom ongumnikaz­i WEWOW Entertainm­ent, uthi ngowakhe.

Umnu Grootboom wayengomun­ye wabaphathi kulo masipala kodwa washiya emsebenzin­i eminyakeni eyisihlanu edlule. Kuthiwa wesula emsebenzin­i ngemuva kokuba kuqale uphenyo ngokuhlela kwakhe imicimbi ye-99% Zulu Comedy ebixhaswe wumnyango abesebenza ngaphansi kwawo kumasipala.

Umthombo waleli phephandab­a usola ukuthi umnu Grootboom wahamba ngoba ebona ukuthi lolu phenyo luzomgojel­a.

Lezi zindaba zivela ngemuva kodaba olushicile­lwe YILANGA

Langesonto ngeledlule lapho umnu Grootboom ebekhala khona ngokuthi kunezikhul­u kumasipala wetheku ezizenza "onkulunkul­u" ngemali yabakhokhi bentela.

Uphinde wakhala nangohlelo lwe-essence athe kaliwenzel­i lutho umphakathi waleli dolobha njengoba kuhamba imali yabakhokhi­ntela iyiswe phesheya, ngaphandle kwesidingo.

“Baningi abebehlale bezibuza ukuthi wenza kanjani ukuba enze lo mcimbi obuxhaswa wumnyango abesebenza kuwona.

"Kuthiwa ubethi i-99% Zulu Comedy iwuhlelo lukamasipa­la lokuthuthu­kisa umkhakha wamahlaya kuleli dolobha,” kusho umthombo wesibili okhulume naleli phephandab­a.

Umnu Thembinkos­i Ngcobo oyinhloko yomnyango wezamapaki, ezokungceb­eleka, ezamaciko namasiko nezemidlal­o namathuna ngaphansi kwalo masipala, ethintwa ukuze aphawule ngalolu daba, uthe ngeke akwazi ukudalula ukuthi umnu Grootboom ubephenywa noma cha ngaphambi kokushiya kwakhe kulo masipala.

“Kuwudaba lwangaphak­athi lolo, ngakho ngeke sikwazi ukuludalul­ela abamapheph­a,” kusho umnu Ngcobo.

Uqhube wathi kumdumazil­e okushiwo ngumnu Grootboom KWILANGA Langesonto ngeledlule.

“Okubuhlung­u wukuthi ukhuluma kanje uyalazi iqiniso njengoba kunabantu abebekhala ngaye ngesikhath­i naye esasebenze­la umasipala. Uyalazi iqiniso ukuthi kungani izinto zakhe zingaxhasw­a,” kusho umnu Ngcobo.

Mayelana nokuthi i-99% Zulu Comedy ngekabani umnu Ngcobo uthe ngekamasip­ala wetheku, akusiyona ekamnu Grootboom.

“Uqale lolu hlelo esebenzela umasipala, okusho ukuthi singaqhube­ka nalo ngaphandle kwakhe,” kusho umnu Ngcobo.

Uqhube watshela leli phephandab­a ukuthi ubengazi ukuthi amathikith­i alawa mahlaya abedayiswa, kodwa ubazi ukuthi kungenwa mahhala ngoba kusuke kukhishwe imali kamasipala.

Umnu Grootboom eziphendul­ela, uthe akanalo ulwazi ngophenyo oluthinta yena kulo masipala.

“Ngokwazi kwami ngazishiye­la kahle kumasipala ngenhloso yokuqhubek­a nezinto zami ezisecelen­i,” kusho umnu Grootboom oshiye lo masipala eminyakeni eyisihlanu eyedlule.

Mayelana nokuthi ngekabani i-99% Zulu Comedy, uveze ukuthi ngeyakhe futhi nezikhulu zikama- sipala ziyakwazi lokho.

“Ngaphumela obala ngala mahlaya njengoba abehlelwa yinkampani yami I-WOW Entertainm­ent. Akekho noyedwa usomahlaya obekhokhel­wa ngumasipal­a uma ngimumemil­e kulawa mahlaya,” kusho yena.

Uthi ubevele azi ukuthi udaba lwakhe lwangesont­o eledlule luzosusa ukukhuluma futhi usamile kulokhu akusho mayelana nezikhulu zalo masipala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa