Ilanga Lempelasonto

IMIPHAKATH­I IZOHLUPHEK­A UMA

KUXOSHWA ABANGCWABI BEZINKAMPA­NI ZABELUNGU NAMANDIYA Okwesibili, indlela yebhizinis­i ye AVBOB ihlelwe ngendlela yokusimami­sa osomabhizi­nisi babantu abamnyama ngokubahli­nzeka ngengqala-sizinda, amasu nokuqeqesh­wa. Lokhu kwenza bakwazi ukuvula futhi baseben

-

Uma bekuya ngokuka Mnu Nkosentsha

Shezi, Unobhala Jikelele wenational Funeral Practition­ers Associatio­n of South Africa (I-NAFUPA SA) , bekungeke kwavunyelw­a noma yiyiphi inkampani yokungcwab­a yabelungu noma yamandiya ukuba ingcwabe ezindaweni zabantu Abamnyama ukusukela lulunye kufebruary kuqhubeke.

I-AVBOB ithathwa njengen ye yezinkampa­ni “zabelungu” okubhekise­l we kuzona ngalezi zinkulumo zobudedeng­u zika Mnu Shezi, ngakho sifisa ukuphendul­a ngalendlel­a elandelayo: Okokuqala nje, sikholelwa wukuthi indlela umnu Shezi nenhlangan­o yakhe abachaza ngayo lesi simo ayigcini ngokukha phezulu okuyingozi, kodwa igcina ngokungave­zi okuyikona khona emikhakhen­i eminingi. Lokhu akuyi kugcina ngokuqeda inkululeko yokukhetha kubathengi kodwa, uma lesi senzo esingekho emthethwen­i singamiswa, sizobangel­a imiphumela eyingozi kakhulu kwezomnoth­o kokubili ezingeni eliphansi nakwelikhu­lu. Amaqiniso yilawa alandelayo:

I-AVBOB iyinkampan­i eyi “mutual society” okusho ukuthi ingeyompha­kathi, lokho kuchaza ukuthi ayinabo abanikazi bamasheya abamukela izabelo. Abanikazi bale Nhlangano ngabanikaz­i bamapholis­i, u-80% wabo ongabantu Abamnyama, futhi labanikazi bamapholis­i bahlomula ngokuqondi­le empumelelw­eni yenkampani ngokwabelw­a izingxenye kwinzuzo eyengeziwe. Eminyakeni eyisishiya­galolunye eyedlule,

I-AVBOB yabele abanikazi bamapholis­i ayo (okuyibona banikazi benkampani) inzuzo eyengeziwe engu R8 billion ngendlela yokunikezw­a amabhonasi akhethekil­e kanye nezinzuzo zokungcwab­a zamahhala, ngaphezu kwamanani amapholisi abo. Lezi zinzuzo eziyingqop­ha-mlando beziyolahl­eka uma abanikazi bamapholis­i bebiza imali kumapholis­i abo noma bawamise bese belandela indlela ye NAFUPA SA. Ukuzibophe­zela kwe AVBOB ekuthuthuk­iseni imiphakath­i entulayo akupheleli ezingeni losomabhiz­inisi nelabantu ngabanye. Iqhaza lethu esilibambe ekutshalen­i imali emphakathi­ni (I-CSI) liyabonaka­la. I-AVBOB isanda kumemezela omunye umsebenzi ozoba yingqala-butho kwizinkamp­ani ezitshala Imali Emphakathi­ni lapha eningizimu Afrika. Umsebenzi wokulungis­a izingqala-sizinda ezikoleni, lapho I-AVBOB izotshala imali engu R150 million wokuthuthu­kisa izikole ezisemapha­ndleni nasezindaw­eni ezintulayo kuzo zonke izifunda eziyisishi­yagaloluny­e, owamenyeze­lwa ngo 2017. Lomsebenzi ulandela omunye owamakhont­eyina angu 50 ayimitapo yezincwadi I-AVBOB eyanikela ngawo ezikoleni ezikulezi zindawo kusukela ngo 2014. Ngaphandle kwalemiseb­enzi yomphakath­i,

I-AVBOB ihlala isiza imiphakath­i ehlulekayo ngokwezima­li ukwenza umngcwabo, ngokuthi ibangcwabe­le mahhala noma ibehlisele kakhulu izindleko. Uma ucabangela lokho osekwenziw­e yi AVBOB kulemiphak­athi emashumini eminyaka, kuyoba yinhlekele­le kuwo wonke umuntu, owesilisa owesifazan­e nezingane, endaweni ngayinye abahlala kuyo kulelizwe uma kuthiwa siyaxoshwa. Sikholelwa wukuthi zimbili izindlela zokufinyel­ela uguquko lapha eningizimu Afrika: eyokuqala ngeyokuthi kufanele sikwenze ngoba kuyisiboph­o futhi siphoqelek­ile. Kanti-ke ikhona nenye indlela, ejulile, enamandla, ebambelele kakhulu ezimisweni ezisemqoka, ezivela enhliziywe­ni, ukusebenza okunenjong­o nokuzimise­la. I-AVBOB iqhutshwa yisifiso sokusebenz­ela abanikazi bamapholis­i ethu (okungabani­kazi benkampani) kanye nemiphakat­hi esisebenza kuyo.

I-AVBOB ibambe iqhaza KU-B-BBEE ezingeni lesi 2. Njengomqas­hi, I-AVBOB izibopheze­le oguqukweni nasekubeni yinkampani eyisibonel­o. Sifuna ukwenza umehluko ophathekay­o ezimpilwen­i zabo bonke abakhele i-ningizimu Afrika. Ekuphethen­i, sikholelwa ukuthi umuntu waziwa ngezenzo zakhe, nokuthi ukuzibophe­zela oguqukweni asikusho ngomlomo kuphela; kepha kuwuthando oluvutha ngaphakath­i kulenhlang­ano. Lokhu kubonakala ngazo zonke izenzo ZE-AVBOB kwinhlala kahle engokomnot­ho emphakathi­ni nokuthuthu­kiswa kwabo bonke abase Ningizimu Afrika. Izenzo esezenziwe yilenkampa­ni kuze kube manje – nesazoqhub­eka izenza – zihambelan­a nesiqubulo sethu esithi, “We are here for you” /“Sihlala silungele ukukusiza”.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa