Kayilula indlela eya empumelelweni
EMINYAKENI ecishe iyele eshumini ngake ngabhala kulo leli phephandaba, ngikhuthaza abafundi bethu ukuthi njengoba kuqala unyaka, kufana nokuqala uhambo oluzosiholela kweminye futhi iminyaka yohambo olude lwempilo.
Sisesigabeni sokuqala konyaka wezi-2018. Nawe buyisela yonke into eceleni, uqale uhambo lwakho lokunqoba. Lolu hambo luqala emicabangweni yomuntu, lukhule njalo luze luyofika lapho umhambi walo ephikelele khona.
Angikukhumbuze ukuthi lolu hambo kubalulekile ukuba luhlelwe emicabangweni yomuntu kuqala, kwakheke isithombe esicacile ukuthi kubhekwe kuphi futhi kungagudlukwa kuso.
Ukwakha isithombe esicacile salolu hambo emqondweni wethu kwenza silangazelele ukuluqala kusashisa nje. Isizathu salokhu wukuthi uma sipholisa amaseko noma siluhlehlisa siphelelwa wumdlandla walo, nokungaholela ekubeni sigcine singaluhambanga kwampela.
Abanqobi-ke uma bezoluqala lolu hambo lwabo olubheke empumelelweni, kunezinto abangagudluki kuzo ngoba ziwukhiye wokuba bafinyelele esiphethweni sendlela yabo.
Okokuqala, ukwazi okujulile kokuthi noma izimo zingaba njani, kuzomele baluhambe futhi bafinyelele ekupheleni kwalo lolu hambo.
Okwesibili, bayazitshela ukuthi ohambeni olufuze lolu, kungalindelwa noma yini endleleni. Okwabo ukuzigcwalisa ngomoya wokuqhubeka, okuyosho ukuthi uma izinselelo nobunzima bendlela sekuvuka kodwa umnqobi uhlome ngolwazi oluthi kakade indlela eya empumelelweni idinga isibindi, ukubekezela kanjalo nokulangazelela ukufinyelela kuyo, noku- yilapho umqhele wokubekezela nokuphokophela ukhona.
Asebeluhambile lolu hambo, kabawuvali umlomo, bebabaza ubunzima bakhona, ungaze uluyeke ungakafiki ndawo, kodwa bathi izithelo zakhona ziyamangalisa, inqobo nje uma ubekezele waze wafika.
Bathi okuningi kusuke sekuxoxwa njengomlando. Lapha ngibala odkt Nelson Mandela, owadonsa kule ndlela iminyaka engamashumi nambili nesikhombisa, kodwa awumbheke ukuthi uhambe emhlabeni engubani, nokuthi ube-
sondelene nabantu abanjani emhlabeni.
Ukufika enkonzweni yomngcwabo kamandela, kwabantu abafana nalowo owayengumengameli wasemelika, umnu Barak Obama, noOprah Winfrey, kuyizinkomba zokuthi uma lolu hambo uluhambe ngempumelelo, luyokwenza uhlonishwe emhlabeni wonke.
Ungazifundela nawe ukuthi lolu hambo alukaze lwaba lufishane, kuyo incwadi ebhalwe ngaye umandela, ethi “Long Walk to Freedom”.
Empeleni ngingomunye wofakazi bale ndlela - kuba nzima uze ufise ukuzivalela emhlabeni wakho wedwa, lapho ungeke ukwazi, kodwa uma usufikile kuwona umqhele wakho, abantu bakubuza umlingo owenze ngawo, kanti lutho, ukubekezela kulolu hambo uze ufike lapho kuphikelelwe khona.
Ngiyazi nawe usohambeni lwakho olubheke kweyakho impumelelo - zinzima izinto endleleni ngiyavuma kodwa ungabe usabheka emuva, qhubeka ngamandla angaphezulu kwawayizolo.
Langazelela ukufika khona, kungakhathaleki ukuthi ufika nini ngoba ubude bendlela kulesi simo, busho ubukhulu bempumelelo yakho. Ngakho wena ungapheli amandla, qhubeka uze uzuze umqhele wakho.