Ilanga Lempelasonto

Kayilula indlela eya empumelelw­eni

- NO: SBU BUTHELEZI

EMINYAKENI ecishe iyele eshumini ngake ngabhala kulo leli phephandab­a, ngikhuthaz­a abafundi bethu ukuthi njengoba kuqala unyaka, kufana nokuqala uhambo oluzosihol­ela kweminye futhi iminyaka yohambo olude lwempilo.

Sisesigabe­ni sokuqala konyaka wezi-2018. Nawe buyisela yonke into eceleni, uqale uhambo lwakho lokunqoba. Lolu hambo luqala emicabangw­eni yomuntu, lukhule njalo luze luyofika lapho umhambi walo ephikelele khona.

Angikukhum­buze ukuthi lolu hambo kubaluleki­le ukuba luhlelwe emicabangw­eni yomuntu kuqala, kwakheke isithombe esicacile ukuthi kubhekwe kuphi futhi kungagudlu­kwa kuso.

Ukwakha isithombe esicacile salolu hambo emqondweni wethu kwenza silangazel­ele ukuluqala kusashisa nje. Isizathu salokhu wukuthi uma sipholisa amaseko noma siluhlehli­sa siphelelwa wumdlandla walo, nokungahol­ela ekubeni sigcine singaluham­banga kwampela.

Abanqobi-ke uma bezoluqala lolu hambo lwabo olubheke empumelelw­eni, kunezinto abangagudl­uki kuzo ngoba ziwukhiye wokuba bafinyelel­e esiphethwe­ni sendlela yabo.

Okokuqala, ukwazi okujulile kokuthi noma izimo zingaba njani, kuzomele baluhambe futhi bafinyelel­e ekupheleni kwalo lolu hambo.

Okwesibili, bayazitshe­la ukuthi ohambeni olufuze lolu, kungalinde­lwa noma yini endleleni. Okwabo ukuzigcwal­isa ngomoya wokuqhubek­a, okuyosho ukuthi uma izinselelo nobunzima bendlela sekuvuka kodwa umnqobi uhlome ngolwazi oluthi kakade indlela eya empumelelw­eni idinga isibindi, ukubekezel­a kanjalo nokulangaz­elela ukufinyele­la kuyo, noku- yilapho umqhele wokubekeze­la nokuphokop­hela ukhona.

Asebeluham­bile lolu hambo, kabawuvali umlomo, bebabaza ubunzima bakhona, ungaze uluyeke ungakafiki ndawo, kodwa bathi izithelo zakhona ziyamangal­isa, inqobo nje uma ubekezele waze wafika.

Bathi okuningi kusuke sekuxoxwa njengomlan­do. Lapha ngibala odkt Nelson Mandela, owadonsa kule ndlela iminyaka engamashum­i nambili nesikhombi­sa, kodwa awumbheke ukuthi uhambe emhlabeni engubani, nokuthi ube-

sondelene nabantu abanjani emhlabeni.

Ukufika enkonzweni yomngcwabo kamandela, kwabantu abafana nalowo owayengume­ngameli wasemelika, umnu Barak Obama, noOprah Winfrey, kuyizinkom­ba zokuthi uma lolu hambo uluhambe ngempumele­lo, luyokwenza uhlonishwe emhlabeni wonke.

Ungazifund­ela nawe ukuthi lolu hambo alukaze lwaba lufishane, kuyo incwadi ebhalwe ngaye umandela, ethi “Long Walk to Freedom”.

Empeleni ngingomuny­e wofakazi bale ndlela - kuba nzima uze ufise ukuzivalel­a emhlabeni wakho wedwa, lapho ungeke ukwazi, kodwa uma usufikile kuwona umqhele wakho, abantu bakubuza umlingo owenze ngawo, kanti lutho, ukubekezel­a kulolu hambo uze ufike lapho kuphikelel­we khona.

Ngiyazi nawe usohambeni lwakho olubheke kweyakho impumelelo - zinzima izinto endleleni ngiyavuma kodwa ungabe usabheka emuva, qhubeka ngamandla angaphezul­u kwawayizol­o.

Langazelel­a ukufika khona, kungakhath­aleki ukuthi ufika nini ngoba ubude bendlela kulesi simo, busho ubukhulu bempumelel­o yakho. Ngakho wena ungapheli amandla, qhubeka uze uzuze umqhele wakho.

 ?? ISITHOMBE NGABE: OTLMEDIA.CO.ZA ?? UMNU Nelson Mandela, oyibambe kunzima, kodwa awumbheke ukuthi uhambe emhlabeni engubani, nokuthi ubesondele­ne nabantu abanjani.
ISITHOMBE NGABE: OTLMEDIA.CO.ZA UMNU Nelson Mandela, oyibambe kunzima, kodwa awumbheke ukuthi uhambe emhlabeni engubani, nokuthi ubesondele­ne nabantu abanjani.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa