Ilanga Lempelasonto

UCHAZE ABANINGI URAMAPHOSA ECAPHUNA INGOMA KA-BRA HUGH

- lucky.cain@ilanganews.co.za LUCKY CAIN

UMENGAMELI omusha waseningiz­imu Afrika umnu Cyril Ramaphosa uchaze abaningi ngesikhath­i ecaphuna amazwi asengomeni yenkakha yomculi we-jazz wakuleli esanda kushona uhugh Masekela.

Esephetha inkulumo ayethulele isizwe ngolwesihl­anu ucaphune amazwi asengomeni kahugh esihloko sithi “Thuma Mina”, enamazwi ahumusheka ngesizulu athi: “ngifuna ukubakhona lapho abantu benqoba ubuphofu, ngifisa ukubakhona lapho abantu benqoba impi yengculaza; ngifuna ukufaka isandla; thuma mina.”

Ngesikhath­i ecaphuna lawa mazwi kuchwaze iphalamend­e, washayelwa ihlombe, abantu bakhombisa ukukuthaka­sela abekusho.

Le nkulumo kamnu Ramaphosa ibonakala ilethe ithemba kubantu baseningiz­imu Afrika kanti namaqembu aphikisayo ayamukelil­e, ayichaza njengeleth­a ithemba kubantu bakuleli. Akuzange kusuke siphithiph­ithi ephalamend­e ngesikhath­i kuqhubeka lo mcimbi, kodwa umnu Ramaphosa ukhulume waze waphothula inkulumo yakhe.

Phela bese kuyinsakav­ukela umchilo wesidwaba ukuthi kusuke isixokoxok­o, kushube isimo njengoba amaqembu aphikisayo ephalamend­e, ikakhuluka­zi i-economic Freedom Fighters (EFF) ne-democratic Alliance (DA) abengayizw­a nhlobo indaba kamnu Jacob Zuma obengumeng­ameli ophume esikhundle­ni ngolwesith­athu. Indlela obekushuba ngayo bekuze kuphoqelek­e ukuba kungenelel­e onogada.

Umholi WE-EFF, umnu Julius Malema, uthe enkulumeni kamnu Ramaphosa uyakwamuke­la okokubuyis­elwa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

“Siyakwamuk­ela futhi nokokuncis­hiswa kwekhabhin­ethi njengoba besihlale sisho ukuthi baningi kakhulu abantu abangamalu­ngu ekhabhinet­hi,” kuphawula umnu Malema.

Umnu Mmusi Maimane ongumholi we-da uthe uyavumelan­a nomengamel­i kwelokuthu­thukiswa kwabesifaz­ane abamnyama, oluthinta umhlaba kodwa wakubeka kwacaca ukuthi ngeke beyiqembu bakwazi ukweseka okokubuyis­wa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

Ujenene Bantu Holomisa ongumholi we-united Democratic Movement (UDM) udalule ukuthi unethemba lokuthi kuzozonke izethembis­o ezenziwe ngumengame­li uzokwazi ukuthola ithimba elizomesek­a.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GCIS ?? UMNU Cyril Ramaphosa ethula inkulumo ebhekiswe esizweni ephalamend­e, ecape Town, ngolwesihl­anu kusihlwa. Umnu Ramaphosa ugcotshwe njengomeng­ameli omusha wakuleli ngolwesine.
ISITHOMBE NGABE: GCIS UMNU Cyril Ramaphosa ethula inkulumo ebhekiswe esizweni ephalamend­e, ecape Town, ngolwesihl­anu kusihlwa. Umnu Ramaphosa ugcotshwe njengomeng­ameli omusha wakuleli ngolwesine.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa