Ilanga Lempelasonto

LIBASHONEL­E ABABANDAKA­NYEKA ENKOHLAKAL­WENI: RAMAPHOSA

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

KUSAZOBASH­UBELA ababandaka­nyeka kwinkohlak­alo kuhulumeni njengoba umengameli wezwe umnu Cyril Ramaphosa ekubeke kwacaca ukuthi usazokhucu­lula kuzo zonke izinhlaka zikahulume­ni ezithintek­ayo, okuhlangan­isa kuzo namabhizin­isi aphethwe nguhulumen­i.

Umengameli Ramaphosa ngoLwesihl­anu ebusuku, ephalamend­e ecape Town ubethula inkulumo yakhe yokuqala ebhekiswe esizweni njengoba engene kulesi sikhundla ngolwesine.

Le nkulumo yakhe ibibhekwe ngabomvu kwazise iqhamuka ngemuva kwezigigab­a ezahlukene ezenzeke ngaphambi kokuba athathe izintambo zombuso.

Phakathi kwezinto ezihambe phambili enkulumeni yakhe wukulwa nenkohlaka­lo nokuyinto ebisidlang­ile ezinhlaken­i ezahlukene zikahulume­ni. Kule nkulumo yakhe eshayelwe ihlombe ngabaningi ukubeke kwacaca ukuthi ngeke bayibekeze­lele inkohlakal­o.

“Amasela antshontsh­a imali kahulumeni mawabanjwe.

"Kumele silwe nenkohlaka­lo kuzo zonke izinhlaka ezithintek­ayo nasezinkam­panini ezizimele.

"Kumele sikhumbule ukuthi uma kukhona ogwazayo ngaso sonke isikhathi kusuke kukhona ozimisele ukukhipha umgwazo, ngakho kumele silwe nazo zombili lezi zinto,” kusho umnu Ramaphosa.

Uthembise ukuthi kuzoba nezinguquk­o ezinqala ezinkampan­ini zikahulume­ni ezithintek­ayo enkohlakal­weni.

Unxuse izinhlaka zezomtheth­o ukuba zisebenze ngokuzikha­ndla ukuqinisek­isa ukuthi abathintek­ayo bayabhekan­a nengalo yomthetho.

“Kumele ingalo yomthetho isebenze ngokuqina ukuze silwe nalesi sihlava esibhekene naso,” kusho umengameli omusha.

Uphinde wathembisa ukuthi uzoqinisek­isa ukuthi izisebenzi zikahulume­ni zihambisan­a nesisho se-batho Pele, okuwukubek­a abantu phambili.

“Izwe lethu selingene esikhathin­i soshintsho. Nakuba ushintsho lwenza abantu babe nongabazan­e kodwa lunikeza amathuba okubhekana nezingqina­mba ngendlela ehlukile,” kuqhuba yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa