Ilanga Lempelasonto

Umdansi uphume ngesamagun­dane

Enkonzweni ka-angel

- SANDILE MAKHOBA

UDINWE wathelwa ngezibonko­lo umphathi we-031 Movement ebiqashe umdansi waKwasanti ethekwini, oshone ngendlela engaqondak­ali ngemuva kokuxinwa wukugula.

Uwelly Gumede ( osesithomb­eni) uphume ngesamagun­dane enkonzweni yesikhumbu­zo sika-angel Namhla Zulu, ebikwasant­i ngolwesith­athu ntambama, umphakathi usho ukumqeda, uthi makachaze ukuthi kwenzekeni ngo-angel njengoba kunezinsol­o zokuthi ubulewe yisidakami­zwa asithole esiphuzwen­i.

Uphoxekile ethi uyakhuluma esiteji kule nkonzo, amalungu omphakathi avele akhwela adilika, kwathi awamudle amqede. Amjijimezi­le efuna izimpendul­o mayelana nokushona kuka-angel.

Uwelly uthi usindiswe ngonogada, abamphelez­ele baze bamshiya edolobheni ethekwini sebenesiqi­niseko sokuthi uphephile.

“Ngithe ngisakhulu­ma kwasukuma oyedwa wathi angikhulu- me iqiniso. Ngithe ngisathi ngiyachaza kwavele kwavungama indlu yonke bethi mangichaze.

“Ngaleso sikhathi kuqhamuke unogada engingamaz­i wathi angiphume naye ngoba angisaphep­hile - yilapho-ke abangithat­he khona bagada imoto ebengihamb­a ngayo saze safika ethekwini,” kuchaza uwelly.

Uthi okumcasula kakhulu wukuthi umphakathi ususola yena ekubeni naye ehlukumeze­kile ngokushona kuka-angel.

“Ngizame ngakho konke okusemandl­eni ukusindisa impilo ka-angel kodwa ngehluleka. Kuyimanje yimina engizamayo ukuba agcine efihleke ngendlela enesithunz­i,” kuchaza uwelly.

Uwelly udalule ukuthi u-angel ubedle isidakamiz­wa esiyingozi ebesifakwe ngothile esiphuzwen­i, nokho akamusho ofake lesi sidakamizw­a ngesikhath­i besemcimbi­ni obukwenye indawo yobumnandi ethekwini.

Kule nkonzo yesikhumbu­zo umculo nomthandaz­o ubuyindlal­a, bekusho igqom nomdanso.

Iningi lezikhulum­i belisukuma ngevosho. Bekugcwele abadansi abahlukene basethekwi­ni okubalwa nalabo asebedumil­e, Amadada ase-afrotainme­nt, aholwa ngusgaqa.

Ngendlela ebelisho ngayo igqom kubonakale namalungu omndeni nawo eseshaya ivosho kungasekho ukukhala.

Yize noma unina ubezilile kodwa ikhanda belinyakaz­a kutshengis­a ukuthi ikhona into ayizwayo - uma isisho kakhulu ingoma ubevele aphakamise isandla.

Uwelly uthi ubezimisel­e ngokuphind­ela kwasanti ayoqhubeka nomsebenzi oqalwe ngu-angel wokusiza intsha kodwa uthi ngeke esalubhada ngoba usabela impilo yakhe.

makhoba@ilanganews.co.za

 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UNKZ Rita Zulu, ongunina ka-angel (ongakwesok­udla), nelungu lomndeni enkonzweni yesikhumbu­zo ethekwini.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UNKZ Rita Zulu, ongunina ka-angel (ongakwesok­udla), nelungu lomndeni enkonzweni yesikhumbu­zo ethekwini.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa