UMNDENI UHLUKENE PHAKATHI
UHLUKENE phakathi umndeni ka-angel Zulu obengumdansi oshone isigubhukane ngeledlule, okusolwa ukuthi ufakelwe isidakamizwa esiyingozi, iflakka, esiphuzweni sakhe.
Okuhlukanisa lo mndeni wukuthi kukhona abafuna kuhlolwe isidumbu ukuze kutholakale ukuthi ubulewe yini kodwa unina ka-angel, unkz Rita Zulu, akazimisele ukuba sihlolwe.
Unkk Pinky Mhlongo, udadewabo kanina ka-angel, uthi kufanele kwenzeke ubulungiswa. Bafuna isiphetho kule ndaba. Uthi ngemuva komngcwabo bazoqhubeka baxhumane namaphoyisa ukuze kwenziwe uphenyo. Uqhube wathi yize noma udadewabo engakuthandi lokhu kodwa ekugcineni uzobabonga ngoba benzela yena.
Ngesikhathi kusanda kuvela indaba yokushona kwendodakazi yakhe, ukhale ngokuthi akeneme ngendlela eshone ngayo, nokungatholi incazelo ecacile ukuthi ibulewe yini.
Kodwa ngemuva kwesikhashana ube eseveza ukuthi akasazimisele ngokuthi kuhlolwe isidumbu, nokuyinto emangalisa amanye amalungu omndeni.
Ngolwesine ebusuku enkonzweni yesikhumbuzo ebihlelwe ngabe-031 Movement nabeGqomnation ethe Warehouse, ethekwini, intatheli izamile ukukhuluma nonina ka-angel kodwa wathi uzoze akwazi ukukhuluma ngemuva komngcwabo.
“Ngicela ukufihla ingane yami kuqala bese ngiyakhuluma konke okusesifubeni,” kubeka yena.
U-angel ufihlwe izolo ngomgqibelo emathuneni akwasanti ngemuva kwenkonzo yomngcwabo ebikhona kwasanti.
makhoba@ilanganews.co.za