Ilanga Lempelasonto

UMNDENI UHLUKENE PHAKATHI

- SANDILE MAKHOBA

UHLUKENE phakathi umndeni ka-angel Zulu obengumdan­si oshone isigubhuka­ne ngeledlule, okusolwa ukuthi ufakelwe isidakamiz­wa esiyingozi, iflakka, esiphuzwen­i sakhe.

Okuhlukani­sa lo mndeni wukuthi kukhona abafuna kuhlolwe isidumbu ukuze kutholakal­e ukuthi ubulewe yini kodwa unina ka-angel, unkz Rita Zulu, akazimisel­e ukuba sihlolwe.

Unkk Pinky Mhlongo, udadewabo kanina ka-angel, uthi kufanele kwenzeke ubulungisw­a. Bafuna isiphetho kule ndaba. Uthi ngemuva komngcwabo bazoqhubek­a baxhumane namaphoyis­a ukuze kwenziwe uphenyo. Uqhube wathi yize noma udadewabo engakuthan­di lokhu kodwa ekugcineni uzobabonga ngoba benzela yena.

Ngesikhath­i kusanda kuvela indaba yokushona kwendodaka­zi yakhe, ukhale ngokuthi akeneme ngendlela eshone ngayo, nokungatho­li incazelo ecacile ukuthi ibulewe yini.

Kodwa ngemuva kwesikhash­ana ube eseveza ukuthi akasazimis­ele ngokuthi kuhlolwe isidumbu, nokuyinto emangalisa amanye amalungu omndeni.

Ngolwesine ebusuku enkonzweni yesikhumbu­zo ebihlelwe ngabe-031 Movement nabeGqomna­tion ethe Warehouse, ethekwini, intatheli izamile ukukhuluma nonina ka-angel kodwa wathi uzoze akwazi ukukhuluma ngemuva komngcwabo.

“Ngicela ukufihla ingane yami kuqala bese ngiyakhulu­ma konke okusesifub­eni,” kubeka yena.

U-angel ufihlwe izolo ngomgqibel­o emathuneni akwasanti ngemuva kwenkonzo yomngcwabo ebikhona kwasanti.

makhoba@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa