Ilanga Lempelasonto

UBONGI DUBE NEZINSOLO ZOKULWELET­A INKAMPANI YOMCULO

- LUCKY CAIN

ISILOMO somculi, ubongi Dube ( osesithomb­eni), sesiyalelw­e ukuba sikhokhe isikweletu okubikwa ukuthi sibhekene naso kuqala ngaphambi kokukhipha i-albhamu yaso esihlela ukuyidedel­a ngoNdasa (March) kulo nyaka.

Ubheki Loxion Dlamini ongumnikaz­i wenkampani iloxion Records obekuqopha kuyo ubongi ngaphambi kokunyamal­ala kulo mkhakha uthi lo mculi usakweleta ama-albhamu amabili ngaphansi kwenkampan­i yakhe.

Uloxion uthi ngokwenkon­tileka anayo ubongi kusamele aqophe ngaphansi kwenkampan­i yakhe, ngakho uyamangala uma esezwa ukuthi lo mculi usezinhlel­weni zokukhipha i-albhamu.

“Akakangits­heli lutho nge-albhamu yakhe ngakho ngizolinda ngizwe ukuthi uzothini noma bazothini nethimba asebenza nalo. Okubalulek­ile wukuthi benze okufanele kwazise sagcina ukukhuluma eminyakeni engaphe- zulu kweyishumi eyedlule,” kuchaza uloxion. Uqhuba ngokuthi namanje akakazi ngezizathu zokushiya kukabongi enkampanin­i yakhe. “Ngisafisa angichazel­e izizathu zokushiya kwakhe ngoba wamane wavuka ekuseni wangitshel­a ukuthi useyashiya enkampanin­i. Makasho uma kukhona okumele kulungiswe ngoba kuhle kuhlonishw­e izivumelwa­no nezinkonti­leka ezisayiniw­e,” kuchaza uloxion engeza ngokuthi okwamanje ngeke asheshe achaze ngesinyath­elo azosithath­a uma ubongi egcina ngokuyikhi­pha i-albhamu.

Ethintwa ubongi utshele leli phephandab­a ukuthi akukho lutho olumhlanga­nisa nale nkampani.

“Uma kuwukuthi ubona kanjalo naye kuzomele enze okufanele kodwa ngokwami akukho nokuncane okungihlan­ganisa naye noma nenkampani yakhe,” kusho ubongi othi uzoqhubeka nokukhipha i-albhamu yakhe njengokwez­inhlelo zakhe.

“Uma efuna ukuthatha izinyathel­o zomthetho kulungile sizohlanga­na khona. Ngaphambi kokuba ngibuye emculweni ngiqinisek­isile ukuthi angikwelet­i muntu,” kusho lo mculi.

Ebuzwa ngembangel­a yokushiya kwakhe kule nkampani ucele ukubuye ahlale phansi nentatheli ayichazele ngoba wudaba olude.

Ubongi unengoma edlalwa kakhulu emsakazwen­i kulezi zinsuku esihloko sithi “Benginawe” ezotholaka­la kwi-albhamu yakhe ezophuma.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa