BAKHALA NGOKUCISHWA KWAMABHODI KWANGWANASE
USHAYISANA ngamakhanda umphakathi waKwangwanase, Kwamhlabuyalingana enyakatho yekwazulu-natal ngesigameko esingaqondakali sokucishwa kwegama elithi Kwangwanase, emabhodini akhomba indlela emgwaqweni omkhulu u-r22, onqamula kule ndawo uphikelele ekosi Bay, uze uyongena emozambique.
Ngesikhathi ILANGA Langesonto livakeshele kule ndawo liqaphele ukuthi cishe wonke amabhodi abhalwe ukuthi Kwangwanase kulo mgwaqo anokusapende obomvu okucishwe ngawo leli gama.
Le ndaba kuthiwa ikhulunyelwa phansi emphakathini ngoba akuqondakali ukuthi kwenziwe ngubani lokhu futhi yini imbangela.
Muva nje le ndawo ikhungethwe yimibhikisho yomphakathi okhala ngobugebengu obushubile bokuntshontshwa kwezimoto, osebuthathe iminyaka buqhubeka.
Obengumengameli wezwe ujacob Zuma nyakenye uke waya kule ndawo walalela uhide lwezikhalo zomphakathi ngale nkinga yokwebiwa kwezimoto.
ILANGA Langesonto likhulume nenkosi yesizwe sakwatembe Kwangwanase, umabhudu Tembe, wathi:
“Amabhodi aqale ukucishwa ngomandulo (September) ngonyaka ophelile.
"Isizathu angisazi. Acishwe kusuka esodwana kuze kuyoshaya emanguzi.
"Ekupheleni kwenyanga ngizohlangana nabo bonke abaholi bomphakathi kusukela kubefundisi, yizinduna, osopolitiki, kanye nabaholi bomphakathi ukuze sibhunge kuze kutholakale ukuthi ngubani ocisha amabhodi futhi yini akhala ngayo. Uma sekutholakele kuzobe sekuvulwa icala emaphoyiseni,”.
Inkosi inxusa abantu ukuthi uma benezikhalo baziqondise endaweni abafuna zifinyelele kuyona bangadukisi umphakathi ohamba ngezimoto ngoba wona awungeni ndawo.
Imeya kamasipala wakwamhlabuyalingana, umnu Nkululeko Mthethwa, wadlulisela intatheli kujuda Mthethwa oyikhansela kuward 11 khona Kwamhlabuyalingana othe: “Njengoba umphakathi ungakasho lutho nje bekungakabi yinto eseqhulwini ukuba sikhulume ngayo.
"Ifike kabi yaqondana nesikhathi sibhizi nobugebengu obudlangile kule ndawo. Kuzothi makudlula umkhosi womthayi bese siyaqala siyayilungisa.” Imizamo yokuthola abomnyango wezokuthutha esifundazweni ayiphumelelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.