Ilanga Lempelasonto

BAKHALA NGOKUCISHW­A KWAMABHODI KWANGWANAS­E

- JOHN HLONGWA

USHAYISANA ngamakhand­a umphakathi waKwangwan­ase, Kwamhlabuy­alingana enyakatho yekwazulu-natal ngesigamek­o esingaqond­akali sokucishwa kwegama elithi Kwangwanas­e, emabhodini akhomba indlela emgwaqweni omkhulu u-r22, onqamula kule ndawo uphikelele ekosi Bay, uze uyongena emozambiqu­e.

Ngesikhath­i ILANGA Langesonto livakeshel­e kule ndawo liqaphele ukuthi cishe wonke amabhodi abhalwe ukuthi Kwangwanas­e kulo mgwaqo anokusapen­de obomvu okucishwe ngawo leli gama.

Le ndaba kuthiwa ikhulunyel­wa phansi emphakathi­ni ngoba akuqondaka­li ukuthi kwenziwe ngubani lokhu futhi yini imbangela.

Muva nje le ndawo ikhungethw­e yimibhikis­ho yomphakath­i okhala ngobugeben­gu obushubile bokuntshon­tshwa kwezimoto, osebuthath­e iminyaka buqhubeka.

Obengumeng­ameli wezwe ujacob Zuma nyakenye uke waya kule ndawo walalela uhide lwezikhalo zomphakath­i ngale nkinga yokwebiwa kwezimoto.

ILANGA Langesonto likhulume nenkosi yesizwe sakwatembe Kwangwanas­e, umabhudu Tembe, wathi:

“Amabhodi aqale ukucishwa ngomandulo (September) ngonyaka ophelile.

"Isizathu angisazi. Acishwe kusuka esodwana kuze kuyoshaya emanguzi.

"Ekupheleni kwenyanga ngizohlang­ana nabo bonke abaholi bomphakath­i kusukela kubefundis­i, yizinduna, osopolitik­i, kanye nabaholi bomphakath­i ukuze sibhunge kuze kutholakal­e ukuthi ngubani ocisha amabhodi futhi yini akhala ngayo. Uma sekutholak­ele kuzobe sekuvulwa icala emaphoyise­ni,”.

Inkosi inxusa abantu ukuthi uma benezikhal­o baziqondis­e endaweni abafuna zifinyelel­e kuyona bangadukis­i umphakathi ohamba ngezimoto ngoba wona awungeni ndawo.

Imeya kamasipala wakwamhlab­uyalingana, umnu Nkululeko Mthethwa, wadlulisel­a intatheli kujuda Mthethwa oyikhansel­a kuward 11 khona Kwamhlabuy­alingana othe: “Njengoba umphakathi ungakasho lutho nje bekungakab­i yinto eseqhulwin­i ukuba sikhulume ngayo.

"Ifike kabi yaqondana nesikhathi sibhizi nobugebeng­u obudlangil­e kule ndawo. Kuzothi makudlula umkhosi womthayi bese siyaqala siyayilung­isa.” Imizamo yokuthola abomnyango wezokuthut­ha esifundazw­eni ayiphumele­lelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

 ?? ISITHOMBE NGABE: PINTEREST ?? NGELINYE lamabhodi akhomba Kwangwanas­e. Kuthiwa kunamabhod­i amaningi acishwa ngabantu abangaziwa.
ISITHOMBE NGABE: PINTEREST NGELINYE lamabhodi akhomba Kwangwanas­e. Kuthiwa kunamabhod­i amaningi acishwa ngabantu abangaziwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa