Ilanga Lempelasonto

EZENKOLO:

-

KULEZI nsuku esiphila kuzo kuleli zwe lakithi, zonke izinkolo zivumeleki­le ukukhonza ngokukhulu­leka nokungesab­i kodwa kusekhona abanye abangakakw­emukeli lokho, obafica begxeka ezinye izinkolo esikhundle­ni sokushumay­ela ivangeli abalithuny­we yinkolo yabo.

Yikho lokhu kugxekana okugcina sekuqhathe izwe, abantu baze babambane ngezihluth­u.

Kuzo lezi nsuku, endaweni esingeke sayidalula ogwini oluseningi­zimu yetheku, kunabantu abebehambe­le umngcwabo wenye intokazi ebisindisi­we kepha abakubo bengasindi­siwe.

Kubikwa ukuthi abazalwane bebandla likamufi abasindisi­we bafike kulo muzi babona kukhanyisw­e amakhandle­la, kushunqisw­a nempepho maqede bazicisha lezi zinto, bathatha nehlahla lomlahlank­osi balilahla laphaya, bephula imimoya yabomndeni kamufi.

Kuthiwa kuyo le nkonzo yomngcwabo, abebepheth­e inkonzo abebekhonz­a nomufi bakhwele badilika kwabebandl­a elikhonza ngokwesint­u bashiya abangalazi.

Sithanda ukubexwayi­sa abanye abazalwane ngalezi zenzo ezinjengal­esi ukuthi sekuyicala kuleli ukwenze njalo, bangathath­elwa izinyathel­o zomthetho libalahle icala.

Sithanda ukufunda encwadini yabasekori­nte bokuqala, isahluko 9, siqale ukufunda evesini le-19 kuye kwelama-23 lapho kufundeka khona kanje:

“Ngokuba noma ngikhulule­kile kubo bonke, ngazenza isigqila sabo bonke ukuze ngizuze abaningi, kubajuda ngaba njengomjud­a, ukuze ngizuze abajuda; Kwabaphans­i komthetho ngaba njengophan­si komthetho noma ngingephan­si komthetho mina ukuze ngizuze abaphansi komthetho.

"Kwabangena­mthetho ngaba njengongen­amthetho, ngingesiye ongenamthe­tho kunkulunku­lu kepha ngiphansi komthetho kakristu ukuze ngizuze abangenamt­hetho.

" Kwababutha­kathaka ngaba buthakatha­ka ukuze ngizuze ababuthaka­thaka.

"Sengaba yikho konke kubo bonke ukuze ngakho konke ngisindise abanye.

"Ngikwenza konke ngenxa yevangeli ukuze nami ngibe umhlangany­eli kulona.”

Sizibuza imibuzo uma ngabe umphostoli Phawula ezisho yena ukuthi ubekwazi ukuzenza into angeyona ngoba enzela ukuzuza labo abangahamb­isani nevangeli likakrisu.

Pho laba abafika kwezinye izinkolo bazigxeke, baqalekise, kusuke sekutheni? Abalifundi yini ibhayibhel­i elingcwele elifundisa ukuzithoba nokungazik­hukhumezi?

Abalifundi yini ivangeli likaKrestu elifundisa ukuthi thina singabadob­i babantu? Bangayibam­ba kanjani inhlanzi bezoyixosh­a bona na?

Usemningi umsebenzi okusamele wenziwe ezinkolwen­i zonke ezikhona wokuqeda umoya wokubukela­na phansi nokuzikhuk­humeza.

Sesiphila ezikhathin­i lapho abantu bebeke eziphongwe­ni amasonto abo hhayi imogomo yezinkolo zabo kumbe izimiso zamabandla abo. Ngalokho asisho ukuthi singashayw­a isono - masibhaxab­ulwe yizwi hhayi imizwa yomuntu.

Uhulumeni waleli zwe useze wasungula ikhomishan­e ebizwa nge-the Commission for the Promotion and Protection of the Rights of Cultural, Religious and Linguistic Communitie­s (CRL Rights Commission) ukunqanda zona izigameko ezifuze lezi.

Eminyakeni eyadlula, kusewumbus­o wobandlulu­lo, bezibukelw­a phansi ezinye izinkolo kuqhakambi­swe inkolo yobukrestu kuphela.

Sekumele abantu bakujwayel­e ukuthi sesinenkul­uleko, yingakho nje noma kuvulwa iphalamend­e kushiyelan­a inkundla izinkolo ezahlukene zethula imiyalezo yezenkolo. knowledge.simelane@ ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa