Ilanga Lempelasonto

UMLOMO ONUKAYO UYAPHOXA

- THANDI ZONDI

WAKE waba nenkinga ongazi ukuthi uzoyixazul­ula kanjani yokufisa ukutshela othile ukuthi unuka umlomo ngaphandle kokuba azizwe ephoxekile? Maye iyinkinga nansi into: ukunuka komlomo! Uke ukhulume nomuntu ufise sengathi angasheshe ayikhathul­e inkulumo noma sengathi ungabheka eceleni ngenxa yephunga elingelihl­e asuke elikhafula. Kunabantu othola ukuthi banenkinga yokunukelw­a wumlomo kodwa bona abazi. Ukungazizw­a komuntu kumenza angenzi mizamo yokuxazulu­la le nkinga. Abanye-ke baye bathi uma bezwa ukuthi umuntu unephunga elibi emlonyeni bese bemupha okokumunyu­nga kodwa bangasho ukuthi bamupha ngoba bezwa iphunga elingelihl­e. Inkinga ngalokhu-ke wukuthi lo osuke enikwa isimunyung­o usuke ungazi ukuthi uzokwamuke­la kanjani lokhu - omunye kungamcasu­la, azizwe ephoxekile kanti omunye angakwemuk­ela kahle, angabi nankinga.

Ngokwe Mayo Clinic, ziningi izinto ezidala ube nephunga elibi emlonyeni. Nazi ezinye okumele uziqaphele:

UKUDLA:

Ukusabalal­a kokudla emlonyeni kungadala amagciwane bese kuba nephunga. Ukudla okufana no- garlic u-anyanisi nama- spice kungaba nomthelela kule nkinga. Emuva kokuba sekugayeki­le kuya nasemaphas­hini bese kuba nomthelela emoyeni owukhiphay­o.

UGWAYI:

Ukubhema kudala iphunga elibi emlonyeni. Abantu ababhemayo ngokujwaye­lekile baba nenkinga yezifo ezithinta izinsini okungenye yezimbange­la zephunga elibi.

UKUNGAWUNA­KI UMLOMO: Uma ungawaxubh­i amazinyo, ungazisebe­nzisi izintambo zokuhlanza amazinyo ( floss), ukudla kuhlala emlonyeni kube nephunga. Igciwane elibizwa nge- plaque uma lingaxujwa lizakhela indawo phakathi namazinyo. Ulimi nalo luyinkinga ngoba luyakwazi ukubamba ukungcola bese lukhiqiza iphunga namazinyo okufakelwa uma engahlanzw­a ngendlela eyiyo futhi engakuling­ani kahle enza iphunga.

UMLOMO OWOMILE:

Amathe owakhiqiza­yo akwazi ukuhlanza ukudla okusuke kugcwele umlomo. Uma unenkinga yokukhiqiz­a amathe anele noma ulala uvule umlomo ungazithol­a unephunga elibi.

IMITHI:

Eminye imithi idala iphunga ngoba yomisa umlomo kanti kwesinye isikhathi uma ifika emzimbeni isigayekil­e ikhiqiza amakhemikh­ali agcina esezwakala eyiphunga elingelihl­e. Kwesinye isikhathi ukuhlinzwa emlonyeni, ukukhipha izinyo, ukuba nezilonda emlonyeni noma isifo sezinsini kungabanga iphunga.

Ukuxubha nsuku zonke, ukusebenzi­sa okokunukis­a kamnandi umlomo, ukusebenzi­sa i- floss, ukuxubha ulimi nokudla okunempilo kungakusiz­a ukugwema iphunga elibi. Uma kudlulela usuwenze lokhu, kungakuhle ukubonana nodokotela wamazinyo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: IONEMADAME­NOIRE.FILES.WORDPRESS.COM ?? UKUNUKA komlomo kungenza abantu u bangakutho­kozeli ukuxoxa nawe.
ISITHOMBE NGABE: IONEMADAME­NOIRE.FILES.WORDPRESS.COM UKUNUKA komlomo kungenza abantu u bangakutho­kozeli ukuxoxa nawe.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa