NGAKHOHLISA ISOKA NGATHI NGINENGANE YALO
PASTOR, ngiyintombazane eneminyaka engama-23, nginezingane zobaba abathathu abehlukene. Ubaba wengane yokugcina ngihlala naye.
Ngashonelwa ngabazali - ngendlela angihlukumeza ngayo unokungixosha nezingane, ngifisa ukumyeka manje, sengize ngakhohlisa engake ngathandana naye okwathi engixosha lona ongihlukumezayo ngayolala kulo wakuqala. Ngafike ngamkhohlisa ngathi nginengane yakhe engayithola ngisenezinyanga eziyisihlanu.
Manje sengiyesaba ukuyihambisa kuye le ngane ngoba akuyona eyakhe. Abakubo bayangifonela bafuna ukuyibona manje - ngesaba ukuthi bazobona ukuthi akusiyo eyakhona.
IMPENDULO: Dadewethu kuyadabukisa ukukuthola usesimeni esinjena kanti usemncane ngeminyaka. Ngiyacabanga ukuthi umuntu onjengawe udinga ukwazi lesi sisho esithi “iqiniso liyokukhulula, kodwa liyokuhlukumeza kuqala.
Ngicabanga ukuthi iqiniso okumele ulizwe futhi ulazi lithi kuyona yonke le nto obhekene nayo kufanele uzibheke wena kuqala ukuthi uyawabona yini amaphutha owawenzayo ebuncaneni bakho.
Okokuqala unezingane ezintathu kobaba abehlukene. Okwesibili usuphila impilo yamanga, uqamba amanga ngalezi zingane ukuze uphile kahle, okungekuhle lokho phambi kukankulunkulu naphambi kwemvelo nje. Okwesithathu uthi uhleli nomunye umuntu kodwa usaxhumana nabanye futhi besilisa.
Ngicabanga ukuthi dadewethu ukuze sikwazi ukuxoxa ukuthi ungayiphila kanjani impilo ngale kokuba usebenzise izingane, ungangishayela kule nombolo engezansi ukuze ngizokwazi ukukweluleka kahle. Kumele wazi ukuthi ungaphila kanjani impilo ngale kwamanga.
Ngeke sazi ukuthi lona ohlala naye okuhlukumezayo ukuhlukumeza ngandlelani kodwa akekho umuntu okumele ahlukumeze omunye - kuzomele uyithathele izinyathelo leyo nto, uthole usizo.