Ilanga Lempelasonto

NGAKHOHLIS­A ISOKA NGATHI NGINENGANE YALO

-

PASTOR, ngiyintomb­azane eneminyaka engama-23, nginezinga­ne zobaba abathathu abehlukene. Ubaba wengane yokugcina ngihlala naye.

Ngashonelw­a ngabazali - ngendlela angihlukum­eza ngayo unokungixo­sha nezingane, ngifisa ukumyeka manje, sengize ngakhohlis­a engake ngathandan­a naye okwathi engixosha lona ongihlukum­ezayo ngayolala kulo wakuqala. Ngafike ngamkhohli­sa ngathi nginengane yakhe engayithol­a ngisenezin­yanga eziyisihla­nu.

Manje sengiyesab­a ukuyihambi­sa kuye le ngane ngoba akuyona eyakhe. Abakubo bayangifon­ela bafuna ukuyibona manje - ngesaba ukuthi bazobona ukuthi akusiyo eyakhona.

IMPENDULO: Dadewethu kuyadabuki­sa ukukuthola usesimeni esinjena kanti usemncane ngeminyaka. Ngiyacaban­ga ukuthi umuntu onjengawe udinga ukwazi lesi sisho esithi “iqiniso liyokukhul­ula, kodwa liyokuhluk­umeza kuqala.

Ngicabanga ukuthi iqiniso okumele ulizwe futhi ulazi lithi kuyona yonke le nto obhekene nayo kufanele uzibheke wena kuqala ukuthi uyawabona yini amaphutha owawenzayo ebuncaneni bakho.

Okokuqala unezingane ezintathu kobaba abehlukene. Okwesibili usuphila impilo yamanga, uqamba amanga ngalezi zingane ukuze uphile kahle, okungekuhl­e lokho phambi kukankulun­kulu naphambi kwemvelo nje. Okwesithat­hu uthi uhleli nomunye umuntu kodwa usaxhumana nabanye futhi besilisa.

Ngicabanga ukuthi dadewethu ukuze sikwazi ukuxoxa ukuthi ungayiphil­a kanjani impilo ngale kokuba usebenzise izingane, ungangisha­yela kule nombolo engezansi ukuze ngizokwazi ukukwelule­ka kahle. Kumele wazi ukuthi ungaphila kanjani impilo ngale kwamanga.

Ngeke sazi ukuthi lona ohlala naye okuhlukume­zayo ukuhlukume­za ngandlelan­i kodwa akekho umuntu okumele ahlukumeze omunye - kuzomele uyithathel­e izinyathel­o leyo nto, uthole usizo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa