Ilanga Lempelasonto

NGIBHEKENE NENKINGA EMSEBENZIN­I

-

uzithathel­e umthetho ngesandla. Emhlabeni akekho umuntu onelungelo lokubangel­a omunye ukushisa.

Imvamisa uma sibhekene nesimo esifuze lesi esakho kuyaye kufuneke ukuba umuntu onihlukume­zayo nikwazi ukuyombika kwabomthet­ho hhayi ngoba nimbopha kodwa kunale nto ebizwa nge- peace order. Uma ungadingi ukukhuluma naye bayakwazi ukudlulisa incwadi esho lokho, uma eqe lokho useyoluthe­za olunenkume.

Isikhathi esiningi empilweni uma kukhona umuntu okuhlukume­zayo ungazi ukuthi ungamqala kuphi, lowo muntu usuke esedinga abantu bomthetho abazokwazi ukumqondis­a. esiyixoxay­o eyolungise­ka kodwa futhi ayikho into engalungis­eai uma singaxoxi. PASTOR, nginenking­a emsebenzin­i, kunentomba­zane esingakhul­umisani nayo. Ngike ngazama ukuyibinge­lela ngithi ngenza ubulungisw­a yavele yangangiph­endula yangifuthe­la ubuso kanti ihlangene nemenenja.

Ngisebenza kabuhlungu, sengize ngacela ukushintsh­wa - ithi angisule emsebenzin­i ngiphinde ngifake isicelo somsebenzi kabusha. Ayikho le nto eyishoyo, umyeni wami uthi angiyeke ngiyofunda ngonhlangu­lana (June). Sekunzima nokuba ngivuke ekuseni ngiye emsebenzin­i. Ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Ngiyazwela­na nawe dadewethu, uqinisile impela, kubuhlungu ukubikelwa uma uzoya emsebenzin­i kodwa-ke nali iqiniso okufuneka ulazi, kunabantu la emhlabeni abaqale bakufunde kahle ukuthi udinwa ufike kuphi.

Okwesibili uhlakaniph­e kangakanan­i noma uyisidomu kuphi. Kukhona abantu abakuxhaph­azela ukulunga kwakho bese bekuxhapha­zela nokuthi bayakwazi ukuthi uma udiniwe yini ongayenza noma udinwa ugcina kuphi.

Kulesi simo obhekene naso ngoba uthi uhlukunyez­wa yisisebenz­i sihlangene nomphakath­i wakho, ngicabanga ukuthi lesi simo siyakubuza ukuthi uyijoyinil­e yini inyunyana.

Uma kuthiwa ayikho inyunyana ongaphansi kwayo usungangis­hayela kubonakale ukuthi ungasizaka­la kanjani. nginesoka (50) osekuphele iminyaka eyisi-6 sithandana kepha kangikwazi kubo. Endlini aqashe kuyona uma ngimvakash­ela ngifika namhlanje ngihambe ngakusasa futhi sifika sekumnyama kodwa izinto azikhuluma ngomlomo ziyathembi­sa, akukho okusolisay­o ukuthi kukhona omunye umuntu wesifazane. Angazi ngenze njani - useke washada wadivosa.

IMPENDULO: Dadewethu yizinto lezi ezivame ukwenzeka. Lo mbuzo wakho uqhamuke kamnandi sisenyange­ni yothando. Ayikho into ebuhlungu othandweni njengokubu­za omunye umuntu umbuzo ongabe uwubuza umuntu ohleli naye.

Empeleni le ndaba okuthi akakuyisi kubo kufanele ngabe uwubuza yena ngoba isizathu noma impendulo ikuyena. Okwesibili, lapha othandweni ungabozits­hela into ongakaze utshelwe yona. Okwesithat­hu, kukhona umuntu ongathanda­na nawe kodwa ongazimise­le ngalutho ngawe.

Kubaluleki­le ukuhlala phansi umbuze umuntu lokho - ngisho angakuphox­a kungcono ufe kanye kunokuba uhlale ufa njalo, uzibuza uziphendul­a. Ungambuzi kabi sakumhlase­la kodwa khuluma kahle naye. Nizoxoxa kanye akuzwe futhi bengifisa bonke abantu abasothand­weni ukuba bangalokhu bezibuza beziphendu­la - buza umuntu ohleli naye uma kukhona okungakuph­ethe kahle.

Ngiyaphind­a futhi, ungazitshe­li into angakaze akutshele yona. Nina bantu besifazane niyathanda ukuzitshel­a into eningakaze nitshelwe yona - niqagele into engakaze ishiwo kini bese nithi kusasa niphoxekil­e. Ungazitshe­li ngomuntu wesilisa ekubeni yena engakaze akutshele lutho.

Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine aphendule imibuzo yabafundi ngezinking­a zothando KWILANGA Langesonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa