NGIBHEKENE NENKINGA EMSEBENZINI
uzithathele umthetho ngesandla. Emhlabeni akekho umuntu onelungelo lokubangela omunye ukushisa.
Imvamisa uma sibhekene nesimo esifuze lesi esakho kuyaye kufuneke ukuba umuntu onihlukumezayo nikwazi ukuyombika kwabomthetho hhayi ngoba nimbopha kodwa kunale nto ebizwa nge- peace order. Uma ungadingi ukukhuluma naye bayakwazi ukudlulisa incwadi esho lokho, uma eqe lokho useyolutheza olunenkume.
Isikhathi esiningi empilweni uma kukhona umuntu okuhlukumezayo ungazi ukuthi ungamqala kuphi, lowo muntu usuke esedinga abantu bomthetho abazokwazi ukumqondisa. esiyixoxayo eyolungiseka kodwa futhi ayikho into engalungiseai uma singaxoxi. PASTOR, nginenkinga emsebenzini, kunentombazane esingakhulumisani nayo. Ngike ngazama ukuyibingelela ngithi ngenza ubulungiswa yavele yangangiphendula yangifuthela ubuso kanti ihlangene nemenenja.
Ngisebenza kabuhlungu, sengize ngacela ukushintshwa - ithi angisule emsebenzini ngiphinde ngifake isicelo somsebenzi kabusha. Ayikho le nto eyishoyo, umyeni wami uthi angiyeke ngiyofunda ngonhlangulana (June). Sekunzima nokuba ngivuke ekuseni ngiye emsebenzini. Ngenzenjani?
IMPENDULO: Ngiyazwelana nawe dadewethu, uqinisile impela, kubuhlungu ukubikelwa uma uzoya emsebenzini kodwa-ke nali iqiniso okufuneka ulazi, kunabantu la emhlabeni abaqale bakufunde kahle ukuthi udinwa ufike kuphi.
Okwesibili uhlakaniphe kangakanani noma uyisidomu kuphi. Kukhona abantu abakuxhaphazela ukulunga kwakho bese bekuxhaphazela nokuthi bayakwazi ukuthi uma udiniwe yini ongayenza noma udinwa ugcina kuphi.
Kulesi simo obhekene naso ngoba uthi uhlukunyezwa yisisebenzi sihlangene nomphakathi wakho, ngicabanga ukuthi lesi simo siyakubuza ukuthi uyijoyinile yini inyunyana.
Uma kuthiwa ayikho inyunyana ongaphansi kwayo usungangishayela kubonakale ukuthi ungasizakala kanjani. nginesoka (50) osekuphele iminyaka eyisi-6 sithandana kepha kangikwazi kubo. Endlini aqashe kuyona uma ngimvakashela ngifika namhlanje ngihambe ngakusasa futhi sifika sekumnyama kodwa izinto azikhuluma ngomlomo ziyathembisa, akukho okusolisayo ukuthi kukhona omunye umuntu wesifazane. Angazi ngenze njani - useke washada wadivosa.
IMPENDULO: Dadewethu yizinto lezi ezivame ukwenzeka. Lo mbuzo wakho uqhamuke kamnandi sisenyangeni yothando. Ayikho into ebuhlungu othandweni njengokubuza omunye umuntu umbuzo ongabe uwubuza umuntu ohleli naye.
Empeleni le ndaba okuthi akakuyisi kubo kufanele ngabe uwubuza yena ngoba isizathu noma impendulo ikuyena. Okwesibili, lapha othandweni ungabozitshela into ongakaze utshelwe yona. Okwesithathu, kukhona umuntu ongathandana nawe kodwa ongazimisele ngalutho ngawe.
Kubalulekile ukuhlala phansi umbuze umuntu lokho - ngisho angakuphoxa kungcono ufe kanye kunokuba uhlale ufa njalo, uzibuza uziphendula. Ungambuzi kabi sakumhlasela kodwa khuluma kahle naye. Nizoxoxa kanye akuzwe futhi bengifisa bonke abantu abasothandweni ukuba bangalokhu bezibuza beziphendula - buza umuntu ohleli naye uma kukhona okungakuphethe kahle.
Ngiyaphinda futhi, ungazitsheli into angakaze akutshele yona. Nina bantu besifazane niyathanda ukuzitshela into eningakaze nitshelwe yona - niqagele into engakaze ishiwo kini bese nithi kusasa niphoxekile. Ungazitsheli ngomuntu wesilisa ekubeni yena engakaze akutshele lutho.
Upastor Sthembiso Zondo ngumeluleki nomethuli wezinkulumo ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazayo ngolwesine aphendule imibuzo yabafundi ngezinkinga zothando KWILANGA Langesonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292.