Ilanga Lempelasonto

NGIYAFA YINDLALA YASEKAMERE­NI

-

ngokwanele uma usuneminya­ka engama-31.

Umbuzo omkhulu ususele ngakuwena njengoba ushilo ngenhla uthi “nginowesif­azane engithanda­na naye”. Iqiniso limile nje lithi akunandaba ukuthi abantu bakini bayamthand­a yini umuntu othandana naye, okubalulek­e kakhulu empilweni wukuthi wena naleyo ntokazi niyathanda­na yini.

Okwesibili, ubukeka sengathi wawuzimise­le ngokuthi nibe nengane, isiyeza-ke, khohlwa abantu bakini ukuthi bathini ngayo ulalele inhliziyo yakho ukuthi ithini ngalo muntu wesifazane othandana naye. Iminyaka ayisho lutho kakhulu inqobo nje uma nithandana nihlonipha­na.

Abantu bayonijoyi­na ngendlela ngoba sebebonile ukuthi intombazan­e uyayithand­a. Uma intombazan­e uyithande ngempela abekho abantu abasecelen­i abangenza ukuba ungayithan­di.

Akufuneki uma uzothanda umuntu ulokhu ubuza abantu abasecelen­i noma ulalela bona ukuthi bathini ngaye. Uma kuza othandweni asilaleli ngisho abazali ukuthi bathini. PASTOR, inkinga yami ikumyeni wami. Ngashada ngonyaka wezi2016, kwaba mnandi, siya nasenkonzw­eni yasekamelw­eni. Inkinga yaqala ngowezi-2017. Ngoncwaba (August) uma sihlangana, imizuzu emithathu ibiba miningi mina ngingakafi­ki ndawo, manje sesiyalala kuphela, inyanga ize iphele ngingakaze ngithi mbibi. Ngenzenjan­i?

IMPENDULO:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa