NGIKHULELISE UMUNTU ABANGAMFUNI EKHAYA
PASTOR, nginenkinga engenza ngingalali ebusuku. Ngineminyaka engama-31 ubudala sengikhulelise owesifazane engithandana naye - ukhulile kunami, uneminyaka engama-38 ubudala.
Ekhaya kabamfuni, inkinga mina anginayo ingane kanti yena unayo esiqede ngisho isikole. Ekhaya bathi batshelwa ngabantu ukuthi uyabheda, akalungile. Inkinga usekhulelwe ingane yami, unezinyanga ezine ekhulelwe. Angisazi ngizobatshela kanjani ekhaya ukuthi usekhulelwe ingane yami. Ngikhathazekile mfundisi.
IMPENDULO: Mfowethu ngicabanga ukuthi kule nkinga umuntu okufuneka ashaywe ngomjovo nguwena. Ngicabanga ukuthi usumdala