Ilanga Lempelasonto

EZOTHANDO:

- INTATHELI YELANGA LESONTO

IMALI ingawuxova umshado wababili futhi ungagcina uphele nya ngenxa yayo. Eqinisweni kuyimanje baningi abantu ababhedelw­a yizinto emshadweni ngenxa yenkinga yesimo sezimali.

Le nkinga yemali ayoni kuphela imishado kodwa inomthelel­a ngisho ebudlelwan­eni obusesigab­eni esiphansi kakhulu.

Ukulwa ngendaba yezimali ebudlelwan­eni kuqeda amandla ebudlelwan­eni. Kubikwa ukuthi le ndaba ingenye yezinto eziyinking­a kakhulu ebudlelwan­eni njengoba abantu abaningi abasuke bebhekene nengcindez­i baye babike izinkinga zemali ukuthi yizona ezibaxake kakhulu.

Phambilini, ngokombiko oke washicilel­wa yi-institute for Divorce Financial Analysis, u-22% wezehlukan­iso imbangela yazo kusuke kuyizinkin­ga zemali, okwenza le nkinga ibe ngeyesi- thathu kweziseqhu­lwini eziholela esehlukani­sweni. Nokho-ke kuthiwa kungcono inkinga niyigweme ingakahlas­eli ngoba yaze yanikhunga­tha ngesinye isikhathi kuba nzima ukubhekana nayo.

Nazi ezinye zezinto okuthiwa abashadile­yo bangagwema ngazo le nkinga:

1. MUSA UKUZICUPHE­LA UMGOGA

Kubikwa ukuthi inkinga yezimali ingaqala ngesikhath­i nje kusahlelwa umshado. Abanye abantu baye bahlele indumezulu yezizumbul­u zemali abangenayo, bathembe ukwetshele­ka, kuyaba uyedlula umshado lezi zikweletu abazenzile sezibami entanyeni, iqale inkinga.

Khumbula ukuthi njengoba besuke bezifake esikweleti­ni sokuhlelel­a umshado basuke bevele benezinye nje ezisecelen­i njengese- credit card, mhlawumbe ngesemoto, ngese- bond njalo njalo, okusho ukuthi uma usufaka nesobucwaz­icwazi bomshado kuyacaca ukuthi impela basuke sebengene shi bevele ngekhanda.

2. PHUMELA OBALA NGENKINGA YAKHO

Enye indaba okubikwa ukuthi isusa inkinga ebudlelwan­eni yile yokuba uthule kanti uvalele ngaphakath­i imfihlo enkulu

yokuthi uxakwe zikweletu. Ongoti bathi ngaphambi kokuba nibophe ifindo likasofa silahlane nesinqanda­mathe sakho, kufanele nakanjani nikhulume ngesimo senu sezimali, nakuba kungeyona indaba elula lena kodwa isemqoka kakhulu.

Phumela obala ngezikwe- letu onazo, yizimali ozitshale ndawona thizeni, yimithombo othola kuyo imali, ngabantu abangaphan­dle obondlayo noma obanakekel­ayo, nazo zonke izinto obhekene nazo ezidinga imali.

Baningi abantu abaye babhekane nombuzo othi “kanti wena uyenzani imali” - lokho phela kudalwa yikho ukuthi imali usuke uyisebenzi­sa esithe, kungacaci ukuthi ishonaphi.

3. MAKUBE NEBHAJETHI

Lena yindaba enkulu-ke ehlale ishumayelw­a njalo kubantu, ukuthi ukuba nebhajethi kusemqoka. Empeleni kuthiwa akufanele engabe kukhona imali esebenza ingahlelel­we. Le nkinga yokungazij­wayezi ukwenza uhlelo lokusebenz­isa imali kuye kuthiwe ibhekene kakhulu nendlu emnyama, kanti yiyo phela eholela ekubeni abantu bagcine bengene shi ezikweleti­ni. Ukusebenze­la phezu kwebhajeth­i kubikwa ukuthi kungagwema izinkinga zezimali emshadweni.

4. FUNANI USIZO

Usizo ningalutho­la kubeluleki bezezimali, abanganisi­za ekuhleleli ukusebenzi­sa imali eninayo ukubhekana nezindleko nezikwelet­u. Kuthiwa futhi ningaya ngisho kumfundisi anibonise.

*Umthombo: Forbes/investing

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa