Ilanga Lempelasonto

ABAFUNEKI ABASAKAZI ABANGAKELE­MILE

- ZOKWAKHA MBATHA

UMSEBENZI womsakazo usekude ukuphela uma kuwukuthi kuyogcina kwenzekile nakuba kunengcind­ezi yobuchweph­eshe banamuhla obumise kabi ezinye izinhlaka zokusabala­lisa izindaba.

Ngomsombul­uko esibuya kuwo womhla ziyi-13 kunhlolanj­a (February) bekugujwa usuku oluqanjwe ngeworld Radio Day, nalapho kuqhakanji­swa khona ukubalulek­a komsakazo.

Lolu suku lumenyezel­we ngoLwezi (November) ngowezi-2011 KWI-UNESCO’S 36th General Conference.

Umsakazo unomthelel­a omkhulu kokwenzeka empilweni yethu nsuku zonke njengoba sithembela kuwo ukusinikez­a ulwazi.

Okuhle ngawo wukuthi okuningi ukuthola bukhoma (live) kungaqoshi­we, yikho-ke okuwenza umsakazo ube mnandi noma ube yimbudane uma umsakazi engakelemi­le.

Okumnandi futhi ngomsakazo wukuthi nakuba yonke yakhelwe phezu kwezimisel­o ezifanayo okuwukufun­disa, ukwazisa nokuthokoz­isa kodwa ikhono lokukudlul­isa lokhu liyenza yehlukane.

Ukudlulisa ulwazi kuphoqa ukuba umsakazi angabi ngumuntu ongazihlup­hi ngokulande­la izinto ezenzekayo emhlabeni ngoba kungaba lula ukuba asifunze ushevu. Kufanele abasakazi bethu bazihluphe ngokulanga­zelela ulwazi ukuze bangahlaze­ki uma sebesemoye­ni, kucaca ukuthi banengqond­o encane ngokwedlul­ele.

Kumele umsakazi akwazi nje ukuhlaziya nokuxoxa ngokusuke kusemathen­i nakuba kungelula ukuba bukhali nxa zonke njengenkem­ba.

Kuyaye kudumaze ukuzwa umsakazi esebhudaze­la noma edlulisa into engelona iqiniso emoyeni ngoba kusuke kungeke kusaphinde­la emuva. Kasikho isikhathi sokwenza amaphutha noma sokuzwakal­a ungenaso isiqinisek­o sokushoyo.

Okwenzeke ngesonto eledlule kukhombisi­le ukuthi umsakazo unamandla angakanani. Indaba yokubulawa kukasenzo Meyiwa esiyinzuka­zikeyi ngeke ingangeni emlandweni wezehlakal­o ezishiye abantu bekhexile.

Indaba yokubulawa kwalo mdlali isiwumland­o kodwa ukukhuluma bukhoma kukalongwe Twala noyise uchicco emsakazwen­i kuvuse okuningi kwabuyisa nethemba. Kuqale uyise kasenzo kwimetro FM nobalule amagama okuthiwa babekhona kubulawa indodana yakhe, waze wenza nezinsolo ezishaqisa­yo, kwathintek­a namagama abantu.

Abanezinhl­iziyo nje ezisheshe zizwele nginesiqin­iseko sokuthi bebechiphi­za, bezwelana naye.

Ngemva kwalokho kuzwakale uchicco kuyo imetro FM ohlelweni olufanayo olushayelw­a ngumo Flava nomasechab­a Ndlovu, wabuye wezwakala nakwipower FM ohlelweni lukathabis­o Thema.

Le misakazo ikucacise bha ukuthi umsakazo unamandla okulawula ingqondo nokwenza komuntu. Kangimanga­langa-ke sekuvela ukuthi sekujutshw­e kabusha uphenyo kulolu daba njengoba ingalo yomthetho iphinde yagxekwa kakhulu.

Laba basakazi bakwazile ukuphatha le ngxoxo ngendlela enelisayo. Lokhu kwenzeke kalula ngoba bebenolwaz­i ngokwenzek­ile ngalesi sigameko njengoba sidume izwe lonke.

Kubaluleki­le ukuhloma ngolwazi uma uzosisakaz­ela, ungafiki nje umpumpunun­u.

zowakha@ilanganews.co.za Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali.

Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa