Ilanga Lempelasonto

NATHI SIYAMFUNA UKHAYA

-

WAZE wasiyala ukhaya Mthethwa washada umlandeli wakhe untando, lol. Sekucacile ukuthi ungumlande­li omkhulu kakhaya - kazi nanihlanga­ne kuphi?

Esontweni noma ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Cha khona unesidina lo sisi, ngathi wayethi nje kazi ngoshada nini nokhaya.

Usehlale ethe ne kukhaya - ubasathe ushona ngapha ukhaya nangu naye, kanti usebenza nini wena!

Sisi sicela uke umyeke ukhaya ahambe yedwa nje - phela nabanye o-girl bayamdinga.

Asisakwazi nokusondel­a nje kuye simthinte i- six pack ngoba umgadile. Awume kancane bandla, please.

 ??  ?? KHAYA Mthethwa
KHAYA Mthethwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa