NATHI SIYAMFUNA UKHAYA
WAZE wasiyala ukhaya Mthethwa washada umlandeli wakhe untando, lol. Sekucacile ukuthi ungumlandeli omkhulu kakhaya - kazi nanihlangane kuphi?
Esontweni noma ezinkundleni zokuxhumana?
Cha khona unesidina lo sisi, ngathi wayethi nje kazi ngoshada nini nokhaya.
Usehlale ethe ne kukhaya - ubasathe ushona ngapha ukhaya nangu naye, kanti usebenza nini wena!
Sisi sicela uke umyeke ukhaya ahambe yedwa nje - phela nabanye o-girl bayamdinga.
Asisakwazi nokusondela nje kuye simthinte i- six pack ngoba umgadile. Awume kancane bandla, please.