Ilanga Lempelasonto

NAZE NANGIPHOXA BAFANA BEDISTRUCT­ION BOYZ

- UNGASENZI IZILIMA WENA SBAHLE

HE he he, kanti emhlabeni kunjani ngempela. Icoba amathambo indaba engiyizwil­e yalaba bafana bedistruct­ion Boyz.

Laba bafana sesibabong­ele kangaka kanti ingoma yabo “Omunye phezu komunye” kanti intshontsh­iwe.

Ngiphoxeke kabi uma ngithola ukuthi le ngoma niyintshon­tshe komunye UDJ. Kanti nibhizi nithi “Omunye phezu komunye” kanti nizisho nina ukuthi niphezu komunye UDJ. Gqamani ngezingoma zenu ngoba ninalo ithalente, niyeke ukuntshont­sha - nizofunda umkhuba omubi. WENA Sbahle Mpisane ucabanga ukuthi sizilima thina?

Ufike wabhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi senihluken­e noKhune kodwa manje ngiyakubon­a ukuthi uhluleka nawukuziba­mba ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ulokho ugabise ngale ndoda yakho.

Noma ungaze uzame ukufihla ubuso bayo kodwa siyazi ukuthi ngukhune lo, ngeke nje usidide. Ngisho ungaze ufake ubhozo wakhe kuphela kodwa sizobona ukuthi nguyena. Yekelake ukusenza izilima futhi ngiyakusol­a usukipitil­e.

 ??  ?? DJ Happygirl
DJ Happygirl
 ??  ?? DISTRUCTIO­N Boyz
DISTRUCTIO­N Boyz

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa