GENERATIONS:
UTAU uphoxwa yisithandwa sakhe. Impi iyashuba futhi yenzeka phambi kwabezindaba. Unamhla usebenzisa ukuba ngowesifazane kumr X onganakile. Ukususwa ngenkani kwabahlali kugcina sekunodlame. Icebo likamrekza lokucekela phansi ishisanyama kalihambi kahle. Uzitha udinwa uthelwa ngamanzi ngokuphucwa iqatha emlonyeni. Ulucy usekhathele yindlela aziphethe ngayo umrekza. Kungabe unandi use-lutholile ubizo lwakhe. Usphe uyethuka uma ebona umuntu ozohlangana nesithandwa sakhe.