Ilanga Lempelasonto

AMASOSHA AYANGENELE­LA UKUHLENGA ABAGIBELI

- ZOWAKHA MBATHA

THE 15:17 TO PARIS UMQONDISI: Clint Eastwood ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Spencer Stone, Anthony Sadler, Alek Skarlatos, Judy Greer (Joyce Eskel), Jenna Fischer (Heidi Skarlatos), Thomas Lennon (Principal Michael Akers) UHLOBO: Biopic/drama/history/ Thriller

IMINYAKA: 13 D/L/V UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

LE ngqayi isuselwa esigamekwe­ni sangempela nesishicil­elwe encwadini ithe 15:17 To Paris: The True Story of a Terrorist, a Train, and Three American Soldiers (Spencer, Anthony no-alek) ebhalwe ngujeffery E. Stern.

Unconywe kakhulu umqondisi wayo, uclint, ngokuzama zikhathi zonke ukuqhakamb­isa ubuqhawe bamamelika­na emafilimin­i akhe. Kuyaphoqa ukuba uma isimo siphoqa kushintshe ngempela ukwenza njengoba kwenzeka kulesi sitimela ngobusuku bangomhlak­a 21 kuncwaba (August) wezi- 2015. Lesi sehlo sibikwe wumhlaba wonke kwabezinda­ba ngokuhlase­la kwabashoko­bezi esitimelen­i esibizwa ngokuthi yithalys #9364 esilibangi­se eparis nabanqandw­a ngamasotsh­a asemelika asema- ncane avakashele e-europe.

Nguspencer ophambili ekulweni la uma sekuvele abahlaseli. Izehlo ezenzeka la zizokumang­aza kodwa uvuthondab­a yilokhu okwenzeka esitimelen­i laba beza- ma ukuhlenga izimpilo zabagibeli abangaphez­u kwama-500. zowakha@ilanganews.co.za

KAKUZANGE kungimanga­ze ukuthi IFIFTY SHADES FREED ifike iqhwakele esicongwen­i ngokubukwa ngendlela ebinedumel­a ngayo ngesikhath­i yethulwa ngesonto eledlule.

IJUMANJI: WELCOME TO THE JUNGLE ibisahleli esicongwen­i kuleyo mpelasonto yomhlaka-9-11 ngokufaka imali ngokusho kwabakwast­er Kinekor Entertainm­ent njengoba bese ifinyelele ku-r57 086 355. Lumi kanje uhlu lwalawo ayishumi ahambe phambili kuleyo mpelasonto edlule:

1 - FIFTY SHADES FREED 2- JUMANJI: WELCOME TO THE JUNGLE

3- MAZE RUNNER: THE DEATH CURE

4- TAD, THE LOST EXPLORER AND THE SECRET OF KING MIDAS

5- DEN OF THIEVES 6- GREATEST SHOWMAN

7- 12 STRONG

8- JUST GETTING STARTED 9- INXEBA

10- COMMUTER

 ?? ISITHOMBE NGABE: CONVER SATIONS ABOUT HER ?? NGABENZI bomsebenzi u-anthony, Alek nospencer esithomben­i nomqondisi wefilimu uclint Eastwood.
ISITHOMBE NGABE: CONVER SATIONS ABOUT HER NGABENZI bomsebenzi u-anthony, Alek nospencer esithomben­i nomqondisi wefilimu uclint Eastwood.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa