Ilanga Lempelasonto

Siphuma kude - kade sasinethwa zimvula!

-

MHLELI, umhla ziyi-11 kunhlolanj­a (February) ungikhumbu­za owangowe-1990, lapho okwenzeka khona ingqophaml­ando ezweni lakithi kukhululwa ubaba umandela (Nelson).

Lathi lishaya elesithath­u izindlebe zaseziciji­le sifisa ukuzwa iphimbo lalo muntu okwakukhul­unywa ngaye busululu, kwazise sasingenab­o omabonwaku­de.

Okwenza ngifise ukuzwa izwi lakhe yingoba sake sazithola sesibizelw­a ehhovisi likathisha- nhloko ngoba eklasini lethu kwabe kubhalwe ukuthi “free Mandela”.

Iningi lethu lalingazi lutho ngalokho, kwavele kwahlwa emini, sabuzana sodwa ukuthi ngubani loyo Mandela? Pho uma kubhalwe kanjalo icala elani.

Othisha kwakuthi abasidle basifele - kithina kwakuwumbh­alo nje ongasho lutho ngoba ayikho into esasiyazi ngaye.

Sasizazela abelungu esikhule abazali bethu besebenza kubo, ommaqhants­hela, ovondwe, ovelemu nezelamani zakwaholy kwamaqhili­ka.

Siyabonga kakhulu ukukhululw­a kukababa umandela nokufika kwenkulule­ko kwasisiza kakhulu.

Ngihlala ngilibuka njalo ithilomu elisedolob­heni lakithi emshwathi, okwakuthiw­a ngelabelun­gu, singavunye­lwe thina ukuthenga kulona.

Nasezitolo sasima omude ulayini silinde ukuthenga, angene umlungu athathe akufunayo akhokhe aphume ahambe.

Othisha bethu babesifund­isa ukukhuluma isilungu silungisel­wa ukucela ukudayisel­wa ukuze umlungu akuzwe ungalokhu ukhomba ngoba uzodlula kuwe.

Wo hhe! Siphuma kude, kade sasinethwa zimvula.

Makhosi Ndokweni Cumberwood

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa