Ilanga Lempelasonto

BAVIKE NGELANGA ELISHISAYO BESHIYWA KWI-DUSI CANOE MARATHON

- NHLANHLA HUDLA

UKUKHIPHA inhlanzi emanzini kwelanga kuphendulw­e ihawu ngabagwedl­i abamnyama abebethemb­ise ukuqopha umlando ngokuba ngabokuqal­a ukunqoba i-2018 FNB Dusi Canoe Marathon begwedla bodwa (bengabebal­a elimnyama).

Usbonelo Khwela nosiseko Ntondini bagcine bephume isithathu emjahweni wedusi oqale ngolwesine emgungundl­ovu wasongwa izolo ngomgqibel­o emini eblue Lagoon, ethekwini. Lo mjaho ugcine unqotshwa nguhank Mcgregor no-andy Birkett kwathi isibili sathathwa nguCarl Folscher no-adrian Boros. Umjaho sewuwonke uhank no-andy bawenze ngesikhath­i sika-8:12:22, kwathi ucarl no-adrian benza u-8:13:26 kanti usbonelo nosiseko benze u-8:13:29.

Indawo yesine ithathwe ngu-ant Stott nobanetse Nkhoesa ngesikhath­i sika-8:13:40 kanti isihlanu kube nguJaques Theron nothulani Mbanjwa ngesika-8:35:56.

Ekhuluma naleli phephandab­a emuva kwalo mjaho ukhwela, uthe: “Senze amaphutha amaningi aholele ekutheni sigcine sesihlulek­a ukunqoba. Lapho bekunamanz­i amancane khona sithathe isikhathi eside (ukudlula) okusishayi­le. Kusibulele nokushisa kwelanga. Besizimise­le kakhulu ngokunqoba umjaho wanonyaka.”

Uqhube ngokuthi bachithe amasonto amathathu bendawonye nontondini ukuzicijel­a lo mjaho eshongweni Dam. Uthi usebheke ukwenza kahle kwinon-stop Dusi Marathon ezokuba semasontwe­ni amabili ezayo. Uphethe ngokuthi ufisa ukusibona sikhula isibalo sabamnyama ababamba iqhaza kulo mjaho.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GAMEPLAN MEDIA ?? NGUSBONELO Khwela (ophambili) nosiseko Ntondini abagcine bephume isithathu kwidusi Canoe Marathon eqale emgungundl­ovu ngolwesine yaphela ethekwini izolo ngomgqibel­o.
ISITHOMBE NGABE: GAMEPLAN MEDIA NGUSBONELO Khwela (ophambili) nosiseko Ntondini abagcine bephume isithathu kwidusi Canoe Marathon eqale emgungundl­ovu ngolwesine yaphela ethekwini izolo ngomgqibel­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa