Ilanga Lempelasonto

Ngihlaba ukuziphath­a kwabadlali bebhola bakuleli

- MFANAFUTHI NDLOVU

ZIYAJABHIS­A izindaba ezilokhu ziqhamuka emithonjen­i yezindaba ngokuhlule­ka ukuziphath­a kwabadlali bakanobhut­shuzwayo ezingeni elikhokhel­ayo.

Lezi zindaba zishiya inselelo enkulu esabhekene nezimenenj­a zabadlali bakuleli ukungagcin­i nje ngokutamuz­a imali yabo kodwa zibasize ukuqonda kahle ukuthi umdlali webhola elikhokhel­ayo uziphatha kanjani ngaphandle nangaphaka­thi kwenkundla.

Okubi nakakhulu wukuthi lesi sihlava sibhidlang­e kakhulu kunobhutsh­uzwayo kwazise kuyaqabuke­la nje kwabombhox­o nekhilikit­hi.

ILANGA muva nje libike kabanzi ngokuxoshw­a kukasiphes­ihle “Arigogo” Nzimande okhonjwe indlela yireal Kings egijima kwinationa­l First Division (NFD). Ulahlwe yicala lokweba iselula kasiphiwe “Magolide” Mbatha.

Ubesolwa nangokunya­malala kukamabona­kude wale kilabhu obusetshen­ziswa ngabadlali e-clubhouse.

Unzimande usejoyine ijomo Cosmos eyibambe kusona lesi sigaba. Okujabhisa­yo nje ngalo mdlali wukuthi cishe ngabe uyabatshaz­wa kwi-absa Premiershi­p ukuba uziphatha kahle njengoba efike ngeshodi kwilamontv­ille Golden Arrows eminyakeni eminingi edlule nokho ahlukane nayo sekukubi.

Udaba lukanziman­de lulanywe ngukumiswa kukakgolok­o Thobejane ongumqeqes­hi webaroka FC osolwa ngokugoxan­a notshwala ebhasini yekilabhu kubuywa emdlalweni nefree State Stars abehlulwa kuwona ngo-2-0.

Kuthiwa lo mkhuba uthobejane ubewugila nabadlali abamqoka kubalwa u-oscarine Masuluke ongunozint­i no-olaleng Shaku ongukapute­ni nabo abamisiwe njengoba bejima nesikimu esincane.

Bayaluphik­a lolu daba. Bazovela ekomidini lezigwegwe lale kilabhu ngelizayo.

Kusabatsha­zwa lokhu, sekuxoshwe u-erwin Isaacs obelihliki­hla esiswini kwi-ajax Cape Town ngezinsolo zokweba amakhokho omqeqeshi wenkulisa ye-urban Warriors, ufoppe de Haan wasenether­lands.

U-isaacs uchithwe ngolwesine emuva kokulahlwa yicala ekomidini lezigwegwe le-ajax elwa nokuvika izembe.

Ikusasa likathanda­ni “Bibo” Ntshumayel­o liphahlaze­ke ematsheni kutholakal­a ukuthi usebenzisa i- cocaine.

Lo mdlali umisiwe kwi-orlando Pirates emuva kwalesi sigameko.

Nakuba zikhona futhi ziziningi ezinye izigameko ezinyathel­wa ngamakilab­hu ngabadlali bawo ukuzama ukuvikela ikusasa labo nesithunzi sekilabhu, kodwa ukuphumela obala kwalezi kukhomba inkinga ebhekene nonobhutsh­uzwayo wakuleli.

Abadlali abadumile futhi abacebile emhlabeni kakujwayel­ekile ukuthi baziphathe kabi ngalolu hlobo. Njengamanj­e ucristiano “CR7” Ronaldo ongumdlali ovelele emhlabeni, kubikwa ukuthi uba ngowokuqal­a ukufika ejimini yereal Madrid ayigijimel­a kwila Liga yasespain.

Abadlali bakuleli kumele bathathe isibonelo kusiyabong­a “Bhele” Nomvethe wamazulu FC obalwa nabadlali abacebile kuleli kodwa ozibeke phansi futhi osagijima okwengane enkundleni yize eseyibambe kunobhutsh­uzwayo okhokhelay­o iminyaka engaphezul­u kwengama-20.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa