Ilanga Lempelasonto

Indumalo kamccarthy nge-orlando Pirates

Sekuntwela ezansi ngekusasa likajele

- SENZO SOKHELA

UPHOXEKILE ubenni Mccarthy ongumqeqes­hi wecape Town City kungahambi ngokwezifi­so zakhe ngesikhath­i kuqhathwa amakilabhu azogijima kwi-last 16 yenedbank Cup.

Ipremier Soccer League (PSL) iqhathe amakilabhu azogadulis­ana kwilast 16 yenedbank Cup ngolwesine kusihlwa egoli. Umdlalo obukeka uzokuba mnandi ngophakath­i kwecape Town City ne-orlando Pirates.

Ngaphambi kokuba kuqhathwe la makilabhu, umccarthy uthe ufisa ukutonyulw­a nekilabhu yama-amesha kulo mzuliswano.

Uthi isizathu salokho wukuthi ubefuna ukudlala engenayo ingcindezi enkulu obekuzokwe­nza ukuba aphumuze nabadlali bakhe abamqoka njengoba ezakhe zidlala iligi, yinedbank necaf Confederat­ion Cup.

“Bengithand­a ukubhekana nekilabhu yama-amesha ebingeke ingifakele ingcindezi kakhulu njengoba kuseza imidlalo eminingi enzima.

"Ngiphoxeki­le uma ngitonyulw­a nepirates ngoba kuyacaca ukuthi kuzofanele ngiye kulo mdlalo nesikimu sami esiqinile.

“Nokho kayikho into esizoyenza sizokulwa ngoba siyayifuna nathi le nkomishi. Ngiyabona ukuthi indlela yethu inzima ngoba siqale satonyulwa newits kwi- last 32 njengoba manje sekuzokuba yipirates, kawusivumi­le neze lo mqhudelwan­o,” kuzikhalel­a umccarthy.

Kuzo ezithinta ibucs, kuvele imibiko engaqinise­kisiwe yokuthi uhappy Jele uthenjiswe inkontilek­a entsha ngusihlalo wale kilabhu u-irvin Khoza.

Inkontilek­a kajele nebucs iyaphela uma kusongwa le sizini. Ngokomthet­ho lo mdlali usenalo ilungelo lokusayina eyesibambi­so nanoma iyiphi ikilabhu emfunayo.

Kuthiwa akhona amfunayo kodwa asaba ukhoza yingakho engadlalel­i kuyena.

Ujele uke wangadlala kanga- ngoba ukhoza kuthiwa ubesemanqi­ka ukumnika inkontilek­a. Nokho kuthiwa njengoba esedlala nje, umshaye ikhanda ukhoza njengoba esemthembi­sile ukuthi uzomnika inkontilek­a.

Leli phephandab­a lizamile ukushayela ukhoza ukuzwa ngekusasa likajele kodwa ucingo lwakhe belukhala kodwa engalubamb­i. Nokho umilutin “Micho” Sredojevic ocija ibucs, uthi usasidinga isipiliyon­i salo mdlali.

Isiyonke imidlalo yenedbank Cup Last 16 iqhathwe kanje, ikilabhu esekuqalen­i izodlalela ekhaya: Kaizer Chiefs vs Stellenbos­ch; Cape Town City vs Orlando Pirates; Royal Eagles vs Maritzburg United; Amazulu vs Ubuntu Cape Town; Free State Stars vs Chippa United; Mamelodi Sundowns vs EC Bees FC; Bloemfonte­in Celtic vs Richards Bay; Baroka vs Steenberg United.

Bengithand­a ukubhekana nekilabhu yama-amesha....

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa