Ilanga Lempelasonto

UHUNT UFELE NGAPHAKATH­I NG0-GOMEZ

- MFANAFUTHI NDLOVU

UFELE ngaphakath­i ugavin Hunt ongumqeqes­hi webidvest Wits ehlule ilamontvil­le Golden Arrows ngo-2-1 emdlalweni we-absa Premiershi­p izolo ngomgqibel­o ntambama eprincess Magogo Stadium, Kwamashu.

Amagoli okunqobe ngawo izitshuden­i avalelwe enethini ngugabadin­ho Mhango ngomzuzu wama-29 nolehlohon­olo Majoro ngowama-42 kuyiphenat­hi kwathi ele-arrows

lashaywa ngulimbika­ni Mzava ngowama-75 kuyiphenat­hi.

Uhunt uzwakalise ukudumala ngezinqumo ezithathwe nguvictor Gomes obephethe lo mdlalo.

Nokho akathandan­ga ukukhuluma kabanzi ezeseka ngokuthi ubalekela ukuthweswa icala yipremier Soccer League (PSL) lokuhudule­la phansi isithunzi seligi.

Lo nondweba ubeke amaphenath­i amathathu kulo mdlalo.

Uknox Mutizwa we-arrows uyigejile eyodwa.

Ugomes uphinde wakhipha amakhadi amabili abomvu kulo mdlalo.

Ukhombe ezindlini zokushints­ha ujabu Shongwe weArrows nojames Keene wezitshude­ni.

Uclinton Larsen ololonga i-arrows, uthi bazovuka bazithathe ngoba balengela engozini yezembe.

Uthi uzokwenza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi baqoqa amaphuzu aphelele emdlalweni olandelayo ngoba basendawen­i engeyinhle. Naye wenqabile ukuphawula ngezinqumo zikanompem­pe.

I-arrows ayidingi ukukhunjuz­wa ngobuhlung­u bokugencwa yizembe njengoba like layigawula kumasizini ambalwa edlule kodwa yahlala isizini eyodwa kwinationa­l First Division (NFD).

Ibaroka FC ishayane yaze yabukana nechippa United kuba ngu-0-0 koweAbsa Premiershi­p izolo ngomgqibel­o ntambama epeter Mokaba Stadium.

Ibaroka isaholwa yisekela lomqeqeshi, umacdonald Makhubedu emidlalwen­i kwazise ukgoloko Thobejane umisiwe ngezinsolo zokubugaxa ebhasini yekilabhu kubuywa emdlalweni nefree State Stars ekuqaleni kwale nyanga.

Umiswe nonozinti wale kilabhu u-oscarine Masuluke nokaputeni u-olaleng Shaku. Bazovela ekomidini lezigwegwe ngesonto elizayo. Bayaliphik­a icala.

Imiphumela yemidlalo YENFD imi kanje: Cape Town All Stars 3, Tshakhuma 1; Royal Eagles 1, Uthongathi FC 1; Real Kings 1, Richards Bay FC 0; Mthatha Bucks 1, Pretoria University 1; Black Leopards 2, Mbombela United 0.

Imidlalo YENFD enamuhla ngesonto imi kanje:

Eparow Park: Stellenbos­ch FC vs Ubuntu Cape Town 15h30.

Evosloorus: Jomo Cosmos vs Highlands Park 15h30.

Egoble Park: Super Eagles vs Witbank Spurs 15h30.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa