Ilanga Lempelasonto

U-DJ Muntu utholane nendodana kufacebook

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilangabews.co.za

WESULEKE izinyembez­i zeminyaka ehlangana noyise enkundleni yokuxhuman­a, umdlali wekaizer Chiefs (under- 19), uletha Dukashe (18).

Uletha washiywa nguyise ecape Town, eseneminya­ka emibili ezelwe njengoba eze wathola manje kufacebook ukuthi UDJ Muntu odume ngelikamas­ter Blaster, osemnkants­hubomvu endimeni yokuklwebh­a amapuleti, nguyena uyise.

Elandisa ILANGA Langesonto uletha, uthi kufike obaba bangakubo Kwalanga, ecape Town, bamtshengi­sa isithombe ebesisekha­sini laseyadini (Facebook), babuza ukuthi uyamazi yini lo muntu (osesithomb­eni).

Uthi uvele waxakeka, base bemtshela ukuba ayosikhomb­isa unina, nguyena ozomtshela ukuthi ungubani lo muntu. Unina uthe ebona lesi sithombe, wamtshela ukuthi nguyise owamshiya eneminyaka emibili.

Ngaleso sikhathi uletha uthi ube nokucasuka ngenxa yokuthi usephile iminyaka eminingi engamazi uyise.

“Yize umama ubekhona benogogo kodwa besikhona isikhala sikababa ngoba ngingumfan­a, kukhona izinto okumele ngizibuze kuyena njengendod­a,” kulanda uletha.

Uthi kodwa wesulekile izinyembez­i ngesikhath­i esexhumana noyise, futhi emamukela ngentokozo.

“Engikujabu­lelayo wukuthi naye ukujabulel­ile ukutholana nami, waphinde wakusukume­la phezulu ukuxhumana nami nomndeni wami,” kusho uletha.

Unina noninakhul­u wakhe nabo kubikwa ukuthi bajabule ngokuvela kukayise kaletha.

Ethintwa UDJ Muntu ngalolu daba wehluleke nawukuziba­mba yinjabulo. “Bengingazi nokuthi ngizomfuna ngimthole kuphi umfana wami kodwa bengazi ukuthi ukhona,” kuchaza umuntu.

Uthi ethola ngodaba lwendodana yakhe, ushiye konke abekwenza wanikela enaturena, egoli, ekhaya lekaizer Chiefs lapho indodana yakhe ihlala khona.

Ucele ukuba imxhumanis­e nonina naye okujabulel­e ukuphinde axhumane noyise wendodana yekhe.

Kuyimanje UDJ Muntu uthi usemalungi­selelweni okuyolungi­sa akhokhe lokho abazomfuna khona.

“Ngamaholid­e ephasika ngizomleth­a ekhaya emlazi, ngimazise emndenini bese ngihlela nomndeni kanina ukuba ngikhokhe inhlawulo nokunye abazokudin­ga ukuze abe ngowami ngokuphele­le, abize isibongo sakwakhoza,” kusho UDJ Muntu.

Uphinde waveza ukuthi ikhona futhi enye ingane yakhe eyamdukela nayo isencane.

“Sekushoda umntwana wami ongowentom­bazane-ke manje naye lapho ekhona ngicela aziveze,” kusho UDJ Muntu.

Uletha njengamanj­e umatasa nezifundo zikamatiku­letsheni. Uthi ubona ikusasa lakhe liqhakaze kakhulu ebholeni. Izindleko zokufunda uthi uzikhokhel­wa yikaizer Chiefs.

 ?? ISITHOMBE SITHUNYELW­E ?? INJABULO UDJ Muntu (Masterblat­er) ethola indodana yakhe uletha Dukashe ayigcina ineminyaka emibili izelwe ekapa. Laba batholane enkundleni yokuxhuman­a ifacebook.
ISITHOMBE SITHUNYELW­E INJABULO UDJ Muntu (Masterblat­er) ethola indodana yakhe uletha Dukashe ayigcina ineminyaka emibili izelwe ekapa. Laba batholane enkundleni yokuxhuman­a ifacebook.
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UDJ Muntu nendodana yakhe, uletha Dukashe abatholane nayo kufacebook.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UDJ Muntu nendodana yakhe, uletha Dukashe abatholane nayo kufacebook.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa