Ilanga Lempelasonto

Uribs udalula okuvimbe icwecwe lama-36

Uzoqopha umdlalo kamabonaku­de ngempilo yakhe

- KNOWLEDGE SIMELANE knowledge.simelane@ilanganews. co.za

INDLOVUKAZ­I yomculo wokholo kuleli, urebecca Malope, udalula izinkinga ezimenze wangakwazi ukukhipha i-albhamu yakhe yama-36 nyakenye njengoba esehlela ukuyidedel­a ezinyangen­i ezizayo.

Uribs, njengoba bembiza kanjalo abalandeli bakhe, uyilanda indaba athi:

“Kuthe ngonyaka owedlule ngahlangan­a nensizwa enekhono, umduduzi Nsibande saqala ukwenza le albhamu.

:Kuthe sesiphakat­hi nayo saqashwa ukuyocula kwelinye ibandla esprings, egoli. Sivuke kahle ekuseni salungisel­ela ukuya khona.

"Ngesikhath­i sisendlele­ni siyola- nda umduduzi sithole ucingo luvela entombini yakhe isazisa ukuthi uvele wathi esegqokile ehlezi elinde thina washona.”

“Asikholwan­ga sonke. Sinikele khona sathola ukuthi usethule ngempela, saxolisa kwabebandl­a, sababuyise­la imali yabo.

"Ngenxa yokuthi bese senze zonke izinhlelo futhi kunguye ungqo- ndongqondo obehamba phambili ngesikhath­i siqopha le albhamu ngike ngakumisa ukuqhubeka nokuyiqoph­a izinyanga ezimbalwa njengoba sengiqhube­ka manje,” kubalisa uribs. Urebecca utshele ILANGA

Langesonto ukuthi usebhale umdlalo ozodlalwa ozobe ugabe ngomculo, okhuluma nempilo yakhe.

“Sengihlele ukuthi siqale siqophe le- musical play, sikwethule kahle kokubili ne-albhamu ngosuku olulodwa. Yingakho ngingeke ngisho okwamanje ukuthi le albhamu engiphezu kwayo ngizoyikhi­pha nini.

"Engingakut­shela abalandeli bami nje wukuthi imnandi, iyazoyiza. Ngifisa abantu bazi ukuthi angihamban­ga etiyeleni ngaze ngafika kuleli zinga esengikulo. Lokho bazokuthol­a kulo mdlalo esizowuqop­ha.

"Kunabadlal­i bakamabona­kude engibathan­dayo engifisa ukuba badlale kuwo, ngeke ngibasho okwamanje ngoba angikakhul­umi nabo,” kusho urebecca.

Urebecca usenenkamp­ani yakhe yokuqopha ilehlohono­lo Music athi uyiqale eminyakeni emithathu eyedlule.

Ubesenemin­yaka engaphezu kwengama-40 eqopha ngaphansi kwezinye izinkampan­i.

Ubelokhu eluleka abaculi ngokuthi bangajahi ukuzimela bengakaqin­i ukhakhayi ngoba bazowa.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UREBECCA Malope osezoqopha umdlalo weshashala­zi ogabe ngomculo (music play) omayelana nempilo yakhe, aphinde akhiphe i-albhamu yomculo entsha nonyaka.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UREBECCA Malope osezoqopha umdlalo weshashala­zi ogabe ngomculo (music play) omayelana nempilo yakhe, aphinde akhiphe i-albhamu yomculo entsha nonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa