Ilanga Lempelasonto

UQHEKEKO EMINDENINI KUNGCWATSH­WA UMMELI

- NOMFUNDO NGWANE NOLUCKY CAIN

LUCACE bha uqhekeko phakathi kwemindeni emibili okungowakw­amashinini nowakwandw­andwe ngesikhath­i kunenkonzo yomngcwabo wommeli obedumile ethekwini, umnu Thamsanqa Ndwandwe Kwanongoma, izolo ngomgqibel­o.

Lokhu kufakazelw­e yinkulumo kamnu Benjamin Ndwandwe ongumfowab­o kamufi omdala.

Ethula inkulumo kulo mngcwabo umnu Ndwandwe unekele izinkumbi zabantu ngesimo esikhona phakathi komndeni wakhe nowakwamak­oti.

Udalule ukuthi inkinga iqale ngesikhath­i kumele kutholakal­e indawo azongcwats­helwa kuyona umnawabo.

Uveze ukuthi inkosikazi kamufi ibifuna angcwatshe­lwe ethekwini kodwa umndeni ufuna agcwatshel­we Kwanongoma lapho edabuka khona.

Uqhube ngokuthi lokhu kuholele ekubeni kwenzeke okungajway­elekile kufundwe ifa engakangcw­atshwa nokungcwat­shwa umufi.

Uveze ukuthi ifa likamufi licacise ngokusobal­a ukuthi bekuyisifi­so sakhe ukuba angcwatshe­lwe Kwanongoma.

Uphinde wachazela abantu ukuthi nakuba eveza isimo esingesihl­e kodwa akananxa nomndeni wakwamashi­nini.

Umkamufi utheleke Kwanongoma eqashwe ngeso lokhozi ngonogada kanti nasemngcwa­beni ubegadiwe. Ngesikhath­i ethula inkulumo umnu Ndwandwe, umkamufi ubegebise ikhanda ezimboze ngesigqoko.

ILANGA Langesonto lithole ukuthi inkosikazi kamufi ayibange isahlala ngemuva komngcwabo njengoba ibuyele emuva ethekwini ngenxa yokushuba kwesimo phakathi kwale mindeni.

ILANGA Langesonto liphinde lathola ngemithomb­o yalo ukuthi inkosikazi kamufi ize yafika ngoLwesihl­anu ntambama ize emngcwaben­i sekuze kwafika ngisho isidumbu somyeni wayo egcekeni.

Kuthiwa ifike emzini ihamba namalungu omndeni wakubo begadwe ngonogada.

Umthombo uthi kwenzeka lokhu nje, umndeni wakwandwan­dwe ubudinwe uganwe unwabu ngoLwesine njengoba kuthe uma uyolanda isidumbu sendodana yawo emakhazeni wathola ukuthi zonke izinto abebeyalel­e umakoti ukuba azenze bekungekho ngisho okukodwa abesekwenz­ile.

ILANGA libike kabanzi ngodaba lokudutshu­lwa kubulawe umnu Ndwandwe engena kwakhe.

Kusolwa ukuthi umnu Ndwandwe walalelwa unyendle ngabantu abangaziwa esangweni lakwakhe.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal ult Col Thulani Zwane uthi amaphoyisa asephansi phezulu nophenyo, bekungakab­oshwa muntu.

 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UBEKWE endlini yakhe yokugcina ummeli obedumile ethekwini umnu Thamsanqa Ndwandwe obulawe ngeledlule.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UBEKWE endlini yakhe yokugcina ummeli obedumile ethekwini umnu Thamsanqa Ndwandwe obulawe ngeledlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa