UQHEKEKO EMINDENINI KUNGCWATSHWA UMMELI
LUCACE bha uqhekeko phakathi kwemindeni emibili okungowakwamashinini nowakwandwandwe ngesikhathi kunenkonzo yomngcwabo wommeli obedumile ethekwini, umnu Thamsanqa Ndwandwe Kwanongoma, izolo ngomgqibelo.
Lokhu kufakazelwe yinkulumo kamnu Benjamin Ndwandwe ongumfowabo kamufi omdala.
Ethula inkulumo kulo mngcwabo umnu Ndwandwe unekele izinkumbi zabantu ngesimo esikhona phakathi komndeni wakhe nowakwamakoti.
Udalule ukuthi inkinga iqale ngesikhathi kumele kutholakale indawo azongcwatshelwa kuyona umnawabo.
Uveze ukuthi inkosikazi kamufi ibifuna angcwatshelwe ethekwini kodwa umndeni ufuna agcwatshelwe Kwanongoma lapho edabuka khona.
Uqhube ngokuthi lokhu kuholele ekubeni kwenzeke okungajwayelekile kufundwe ifa engakangcwatshwa nokungcwatshwa umufi.
Uveze ukuthi ifa likamufi licacise ngokusobala ukuthi bekuyisifiso sakhe ukuba angcwatshelwe Kwanongoma.
Uphinde wachazela abantu ukuthi nakuba eveza isimo esingesihle kodwa akananxa nomndeni wakwamashinini.
Umkamufi utheleke Kwanongoma eqashwe ngeso lokhozi ngonogada kanti nasemngcwabeni ubegadiwe. Ngesikhathi ethula inkulumo umnu Ndwandwe, umkamufi ubegebise ikhanda ezimboze ngesigqoko.
ILANGA Langesonto lithole ukuthi inkosikazi kamufi ayibange isahlala ngemuva komngcwabo njengoba ibuyele emuva ethekwini ngenxa yokushuba kwesimo phakathi kwale mindeni.
ILANGA Langesonto liphinde lathola ngemithombo yalo ukuthi inkosikazi kamufi ize yafika ngoLwesihlanu ntambama ize emngcwabeni sekuze kwafika ngisho isidumbu somyeni wayo egcekeni.
Kuthiwa ifike emzini ihamba namalungu omndeni wakubo begadwe ngonogada.
Umthombo uthi kwenzeka lokhu nje, umndeni wakwandwandwe ubudinwe uganwe unwabu ngoLwesine njengoba kuthe uma uyolanda isidumbu sendodana yawo emakhazeni wathola ukuthi zonke izinto abebeyalele umakoti ukuba azenze bekungekho ngisho okukodwa abesekwenzile.
ILANGA libike kabanzi ngodaba lokudutshulwa kubulawe umnu Ndwandwe engena kwakhe.
Kusolwa ukuthi umnu Ndwandwe walalelwa unyendle ngabantu abangaziwa esangweni lakwakhe.
Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal ult Col Thulani Zwane uthi amaphoyisa asephansi phezulu nophenyo, bekungakaboshwa muntu.