UBOSHIWE OTHANQAZE INGANE

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

UZOVELA kusasa enkantolo yemantshi yasebutterworth owesilisa osolwa ngokugila isimanga sokujikijela ingane phansi emi phezulu emjondolo wakhe. Unina wengane yena udedelwe ngemuva kokuba amaphoyisa emhlome imibuzo. Kulolu daba kubikwa ukuthi sekungenelele abezenhlalakahle. Lesi sigameko senzeke ngolwesine ejoe Slovo, ngaphansi kukamasipala inelson Mandela Bay. Kuphinde kwangenelela namaphoyisa ophiko imotherwell Cluster Family Violence, Child Protection and Sexual Offences (Fcs).kuqinisekiswe ukuthi ingane iphephile nokuthi uyise uboshelwe icala lokuzama ukubulala. Ingane isibuyiselwe kunina. Kubikwa ukuthi uyise wenze lokhu ngoba engafuni kudilizwe umjondolo wakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.