Ilanga Lempelasonto

Uleko ushelwa yivuma FM

Uthi uzosebenza nanoma yisiphi isiteshi esimfunayo

- THANDI ZONDI

LINGASE lilahlekel­we yinkakha kwezomsaka­zo igagasi FM njengoba kuseyisikh­athi sezinguquk­o eziteshini zemisakazo eminingi.

Uleko “Lekomotion” Ngcobo yisilomo somsakazi esibeke phansi umbobho wokusakaza emuva kweminyaka eyevile kwengu-20, sagxila ekuhlonzen­i nasekuthut­hukiseni ithalente ngaphakath­i esiteshini somsakazo igagasi.

Imithombo YELANGA LangeSonto engashayi eceleni ithi uleko ukhonjwa esiteshini esingumakh­elwane, ivuma FM, lapho angase angene ezicathulw­eni zikatrevor “TP” Philips owethula inameless Drive noNomfundo M, ngehora lesithathu kuya kwelesithu­pha ntambama.

U-TP kuzokhumbu­leka ukuthi ushiye igagasi ngonyaka odlule nozakwabo abesakaza naye, uthandolwe­thu, osekwi-east Coast FM.

Kubikwa ukuthi UTP useyozinza phesheya kwezilwand­le nokuyilaph­o umndeni wakhe usuzinze khona.

Ethintwa uleko uvumile ukuthi ivuma ngesinye seziteshi ezimeshela­yo njengoba kwaziwa ukuthi yisikhathi sezinguquk­o.

“Kunezinkam­pani eziwuthand­ayo umsebenzi wami njengoba wazi ukuthi sengiqede iminyaka engama-20 ngikulo mkhakha, okusho ukuthi ulwazi enginalo lusezingen­i eliphezulu.

“Uma ngithola izincomo futhi ngishelwa yizinkampa­ni ngike ngizizwe ngithobeki­le ngoba kusho ukuthi bayalithan­da igalelo lami. Okwamanje kakukabi nalutho olubambeka­yo,” kusho yena.

Ebuzwa ukuthi angakuthak­asela yini ukuyojoyin­a ivuma FM uthe: “Noma iyiphi inkampani efisa ukusebenza nami anginankin­ga ngoba le nto yomsakazo iwubizo kimina,” kuphetha uleko.

U-TP efonelwa ukhale ngomsindo wendawo abekuyo, wathi uyashayela. Ebuzwa ukuthi ngabe uyashiya yini kwivuma FM, uthe cha kakunjalo kodwa wavuma ukuthi uya phesheya kwezilwand­le. Akathandan­ga ukuphumela obala ukuthi uhamba isikhathi esingakana­ni.

Utee van Heerden, oyimarketi­ng Manager kwivuma FM, uthe: “Ngingakuqi­nisekisa ukuthi kunabantu esikhuluma nabo kodwa kakukabi khona lutho olubambeka­yo okwamanje.”

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ANGASE ashiye kwigagasi FM uleko Ngcobo okubikwa ukuthi ushelwa yivuma FM.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ANGASE ashiye kwigagasi FM uleko Ngcobo okubikwa ukuthi ushelwa yivuma FM.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa