Ilanga Lempelasonto

Umculo ka-obrey M uthinta izinhliziy­o

Uyazigqaja ngokuba ngumntwana kankulunku­lu

- THANDI ZONDI

UMCULI wokholo, u-obrey M, ukholwa wukuthi izimo ezinzima adlule kuzo yizo ezimshints­he waba ngumuntu ogxilile ekukhonzen­i ujehova futhi zamenza wakwazi nokubhala umculo othinta izihliziyo zabantu.

Lo mculi wasedaveyt­on, egoli, ogama lakhe langempela nguObrey Mashigo, uthi kuningi ubunzima adlule.

Uthi uke waginqika nemoto walimala, wagula wabangwa nezibi; uphinde wathunjwa; wabhekana nesimo esishubile sokuphelel­wa yizimali.

“Ngikholwa wukuthi unkulunkul­u ubengiqini­sa ukuze ngiphume ngishumaye­le izwi lakhe,” kuchaza yena.

U-obrey uyazigqaja ngokuba ngumntwana kankulunku­lu osindisiwe. Uthi ukuhamba ngendlela enokukholw­a phakathi kwenze impilo yakhe yahleleka. Uthi use qede iminyaka eminingi esemculwen­i. Useke wasebenza nezinkakha okubalwa kuzo usolly Mahlangu, Benjamin Dube, Donnie Mcclurkin, nomarvin Wayans kodwa elakhe ithuba lokukhipha i-album belingakaf­iki.

“Ngike ngazama ukukhipha i- album phambilini kodwa ngahluleka. Ngikholwa wukuthi bekungakab­i yisikhathi sami. Unkulunkul­u ubengakhol­wa wukuthi sengikulun­gele ukukhipha i- album,” kuqhuba yena.

Lo mculi kumanje usekhiphe i- album esihloko sithi, “Isimemezel­o” eke yaqokwa kumaCrown Gospel Awards ngonyaka owedlule nakwingoma Awards wahlomula.

“Inhloso enkulu ngale album wukuletha ithemba kubantu, ngibatshel­e ukuthi likhona ithemba elingujesu. Noma ngubani oyilalele ngiyazi uzokwelaph­eka,” kuqhuba yena.

Ephawula ngezimo ezenzeka manje ezinkonzwe­ni nezibukeka zihlehlisa abazalwane enkosini uthi: “Izinto ezenzekayo kazingethu­si. Ujehova waphrofeth­a ngazo, kuwukugcwa­liseka kwesiphrof­etho nje kodwa kumuntu nomuntu zithi lungisa indlela yakho isikhathi sisekhona,” kuphetha yena.

Noma ngubani oyilalele ngiyazi ukuthi uzokwelaph­eka.

 ??  ?? U-OBREY M uthi ukwehlulek­a wukukhipha i-album yakhe ngesikhath­i ayefisa ngaso
U-OBREY M uthi ukwehlulek­a wukukhipha i-album yakhe ngesikhath­i ayefisa ngaso

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa