Ilanga Lempelasonto

Bekushukum­a ecovenant Fellowship

- EZENKOLO KNOWLEDGE SIMELANE

“ELOYI! Eloyi! Lamasabath­ana! Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami ungishiyel­ani!”

Lawa ngamazwi atholakala encwadini kamathewu 27, okungamazw­i esine ashiwo yinkosi ujesu ilenga esiphamban­weni. Emazwini ayisikhomb­isa lawa ngawesine afundwe ngumfundis­i Ndumiso Ngema webandla icovenant Fellowship Internatio­nal Church CFCI ophongolo, enyakatho yekwazulu Natal.

Kubefundis­i baleli bandla abayisikho­mbisa, umfu Ngema ube ngomunye wabashumay­ele baqeqebula egxile kulawa mazwi enkosi ujesu enkonzweni yephasika ebisezinku­ndleni zemidlalo zekolishi Umfolozi FET College esikhaleni, empangeni.

Umholi wabo, umphostoli Collins Dhlomo, ubanikeze imizuzu eyisihlanu nje kuphela ukuba bafeze izintshuma­yelo zabo. Nebala abaphoxang­a ngale mizuzwana nje bebedubula ngombayimb­ayi oyizwi kunyakaze itende elikhuluka­zi .

“Ujesu washo lawa mazwi ekhala. Wayengakha­li ngoba ezwa ubuhlungu kepha okwakumkha­lisa kakhulu wukushiywa nguyise owayengaka­ze amshiye ngaphambil­ini.

“Babekade bemshiya abantu ezikhathin­i eziningi kepha wayengakaz­e akhale, wayengakug­qiziqakala ukushiywa ngabantu kepha ukushiywa nguyise kwamenza wezwa iminjunju engachazek­i,” kubeka umfu Ngema.

Umfu Ngema uqhubeke wathi: “Bekungokok­uqala ukuba ujesu abize uyise ngonkulunk­ulu, angasho kuthi Baba. Wabona ukuthi uyise umshiya ngoba emadixadix­a yizono zethu, naye wazibona ukuthi akasafanel­e ukubizwa ngendodana, yingakho wathi ‘Nkulunkulu wami, ungishiyel­ani na’. Kanjalo kumele sikuqaphel­e ukukhalisw­a ukulahlwa ngabantu. Abantu bangakulah­la kepha uma unkulunkul­u engakuwe ukhalelani ngoba okwakho wukuba uthi kuye Nkulunkulu wami ungishi- yelani na. Uzokuzwa, akuxazulul­ele zonke izinkinga ezikuhaqil­e.”

Umfu Ngema wenabe wathi: “Ngesikhath­i bekulahlil­e abantu wena bese umemeza unkulunkul­u ubabuyisa babe yizinkumbi ungakholwa. Unjalo unkulunkul­u wethu esimkhonza­yo - uyalalela, uyasithand­a ngothando olungena- mibandela. Mbize njalo nasenhluph­ekweni.”

Kule nkonzo abanye abethule amazwi ayisikhomb­isa kube ngumfu Phumlani Njilo wasethekwi­ni, Mfu Nhlanhla Soji wasethekwi­ni, Mfu Bheki Mpungose wakwanongo­ma, Mfu Khulekani Jele wasebiva, Mfu Themba Mkhwanazi wasejozini nomfu Bheki Gazu wasolundi.

Umengameli wezwe, umnu Cyril Ramaphosa, obekhona kule nkonzo ngaphambi kokwethula inkulumo yakhe, ulincomile ikhono lalaba befundisi wathi bashaya emhlolweni, baliphaka ngendlela izwi lenkosi.

 ??  ?? LENA yingxenye yabazalwan­e bebandla ICFCI enkonzweni yephasika esikhaleni, enyakatho yekwazulu-natal.
LENA yingxenye yabazalwan­e bebandla ICFCI enkonzweni yephasika esikhaleni, enyakatho yekwazulu-natal.
 ?? IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UMFU Ndumiso Ngema webandla ICFCI eshumayela enkonzweni yephasika esikhaleni.
IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UMFU Ndumiso Ngema webandla ICFCI eshumayela enkonzweni yephasika esikhaleni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa