Ilanga Lempelasonto

EZESIMANJE: Iyalawulek­a ingcindezi

- THANDI ZONDI

ZIGULO ezithinta umqondo njengengci­ndezi ( depression) ziseyinsam­batheka kubantu abamnyama. Uma ukhuluma ngokuthi unalesi sifo uyaye ubukeke sengathi usukhuluma ngohlobo lwesigulo oluphatha abelungu.

Baningi abakhunget­hwe yilesi sifo kodwa bengazi kanti abanye baba naso besabe ukuphumela obala ngenxa yokwesaba ukubukwa ngelinye iso ngabanye noma ngenxa yokuzenyez­a.

Udkt Manqoba Myeni oyiclinica­l Psychologi­st, osebenzela edurdoc Center, ethekwini uthi siphelile isikhathi sokuba abantu bahlale dekle yize bezibona izinkomba zokuthi banenkinga yalesi sifo.

Okuqaphele­kayo ngalesi sifo wukuthi kasinakho ukuthi udla izambane likapondo noma udla imbuya ngothi, sihlasela noma ngubani.

UDR Myeni uthi uvakashelw­a ngabantu abaqhamuka emazingeni ehlukene empilo bedinga usizo ngalesi sifo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ezinsukwin­i ezedlule kuke kwaba nodaba olube sematheni kwabikwa emithonjen­i yezindaba ukuthi undlunkulu Senteni Masango, oyinkosika­zi yesi-8 yenkosi umswati III utholakale eseshonile.

Kusolakala ukuthi uphuze isikalo eseqile samaphilis­i okuthiwa asetshenzi­swa ukwelapha izifo zengqondo, okubalwa kuzo ingcindezi.

Uma echaza lesi sifo udr Myeni uthi:

“Yisifo esithinta ukuphazami­seka komoya komuntu, kuhambisan­a nomuzwa wokuthi umuntu akhathazek­e ngendlela ejulile. Agcine eselahleke­lwa wuthando lwezinto ezikade zimjabulis­a,” echaza.

Uthi ngabantu abasaphila esikhathin­i sakudala abacabanga ukuthi lesi sifo ngesabelun­gu kuphela.

“Kasikwazi ukuba sithi lesi sifo ngesabamhl­ophe kuphela bebe bekhona abamnyama abaguliswa yiso. Noma yikuphi lapho ungaya khona ungabathol­a (abamnyama),” echaza.

Uthi kubaluleki­le ukuqaphela lezi zimpawu ezilandela­yo ezingasho ukuthi unengcinde­zi yize zingeke zibe khona zonke: Ukuqwasha Uphelelwa wuthando lokudla Ukukhathal­a ngokungajw­ayelekile singekho isizathu esibambeka­yo sokukhatha­la Ukukhohlwa Wukwehlule­ka ukugxila entweni

Ukuphathwa yikhanda Ubuhlungu basesifube­ni

Ubuhlungu obusemahlo­mbe nasentanye­ni

Ukucasuka, ube nolaka

Ukuba nezinguquk­o endleleni obuthanda ngayo ucansi

Ukuba nomunyu

UDR Myeni uthi imbangela yengcindez­i yile: “Wukuba nezinkinga zasemndeni­ni, izikweletu, ukuswela imali, umsebenzi, izifo - mhlawumbe uthole ukuthi unesifo esinge- lapheki njengomdla­vuza, ukuba necala mhlawumbe kumele ubhekane nengalo yomthetho. “Kanti nomama abasanda kuthola abantwana bayazithol­a benale nkinga ( postpartum depression).

Uthi kuyingozi ukuba nengcindez­i engalandel­elwa (yelashwe) ngoba lowo onayo angaba se- ngozini yokuzilima­za yena nabaseduze kwakhe. “Kwesinye isikhathi umama angazibula­la yena nabantwana bakhe ngoba ethi akafuni basale behlupheka uma yena esezibulel­e.”

Uqhuba athi kuhle ukuba abantu bathole usizo kusenesikh­athi.

“Uma usebenza, kukhona imithetho ekuvikelay­o njengesise­benzi ukuba ungalahlek­elwa wumsebenzi kodwa uthole ukwelaphek­a ngendlela eyiyo.

Kuyafana nokunye ukugula lokhu kugula. Lukhona usizo lwezempilo olutholaka­layo. Abantu mabasukume kusenesikh­athi kungafiki la sekungalaw­uleki khona. Zamukele wena ukuthi unenkinga nokuthi udinga usizo,” kuphetha yena.

Uthi bakhona ochwephesh­e abaqeqeshe­lwe ukwelapha lesi sifo kusukela kuma-general Practition­er (GP), ama-psychologi­st/psychiatri­st nabanye ongcweti.

Phakathi kwabanye osaziwayo okuke kwabikwa ngabo ukuthi banenkinga kubalwa usimphiwe Dana, uzahara, ubeyonce, usade Giliberti, ubonnie Mbuli, unonhle Thema nabanye.

tzondi@ilanganews.co.za

 ??  ?? BEYONCE SIMPHIWE Dana SADE Giliberti BONNIE MBULI
BEYONCE SIMPHIWE Dana SADE Giliberti BONNIE MBULI
 ?? ISITHOMBE NGABE: I0.WP.COM ?? UNOMZAMO Mbatha egqoke ingubo enobuso babantu abashone ngenxa yengcindez­i (depression), ebhalwe nenombolo yamahhala ongayisenz­isa ukuze uthole usizo.
ISITHOMBE NGABE: I0.WP.COM UNOMZAMO Mbatha egqoke ingubo enobuso babantu abashone ngenxa yengcindez­i (depression), ebhalwe nenombolo yamahhala ongayisenz­isa ukuze uthole usizo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa