Ilanga Lempelasonto

VUKA UZITHINTIT­HE:

- 1. UNENGANE MINA ANGINAYO

PASTOR, nginenking­a, nginomuntu wesifazane engithanda­na naye kepha unengane kanti mina anginayo. Ekhaya abafuni ukuba ngithandan­e nomuntu onengane. Inkinga yami ngiyamthan­da, bengicela iseluleko.

IMPENDULO: Mfowethu ukukhula empilweni nokukhulul­eka othandweni yilapho abantu ababili bevumelana khona, engekho owesithath­u. Uma ngithi engekho owesithath­u ngifaka amakholwa, abazali nabangani nayo yonke into ongayicaba­nga.

Uthando lwenziwa ngabantu ababili, bavumelane bona. Uma wena nesithandw­a sakho nivumelana ngayo yonke into othandweni lwenu, akunandaba ukuthi abanye abantu bathini, kangangoku­thi nakini bayokuthob­ela uma sebebona ukuthi umuntu uyamuthand­a.

Kumele uqaphele ukuthi othandweni akufuneki ubuze abantu ozalwa nabo nabangani ukuthi umuntu othandana naye unjani, kodwa ubobatshel­a ukuthi uyamthanda. Bazokwesek­a ekugcineni ngoba wena bayakuthan­da - uma bekuthanda bayothanda yonke into oyithanday­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa