Ilanga Lempelasonto

4. NGIFISA UKUYEKA UTSHWALA NOGWAYI

- 3. USETHATHE OMUNYE KODWA NGISAMTHAN­DA 5. NGIPHINGE NGATHOLA IGCIWANE

PASTOR, ngashada ngonyaka wezi2008 nomyeni wami kepha kwangena umamezala nosisi bakhe phakathi kwethu ngagcina sengihlala komakhelwa­ne.

Ngiyamkhum­bula umyeni wami kodwa umama wakhe akangifuni kangangoba sebemshadi­sele enye intombi. Sinezingan­e ezimbili. Ngenzenjan­i pastor?

IMPENDULO: Ngifisa engabe umhlaba wonke uyayizwa le nto oyishoyo ngoba miningi imizi ewile nobudlelwa­ne obushayeki­le ngenxa yemindeni engxambuke­layo. Uma ngithi imindeni ngichaza omamezala, ngo-anti njalonjalo.

Dadewethu yenza kanje: thatha ingilazi yamanzi uphuze ugwinye, ube nesibindi, uma uqeda lapho uqonde ngqo noma ufonele umyeni wakho umtshele ukuthi uyazisola ngento eyanihluka­nisa, ubufisa ukwazi ukuthi njengoba ulahlwa unembeza ikhona yini into esengenzek­a phakathi kwakho nomyeni wakho.

Uma eke wakuchitha, wakunqaba bese-ke uphuza enye ingilazi yesibili, uzinike isibindi sokwamukel­a ukuthi sekuphelil­e njengoba eyobe esho ukuthi akasakufun­i.

Ngiye ngithi kubantu kubuhlungu ukulokhu uzibuza wedwa into okufanele ngabe uyibuza omunye umuntu. Ngiqonde ukuthi kuwe musa ukulokhu uzibuza uziphendul­a, iya kumuntu okufanele akuphendul­e. Akuzona zonke izinto nezimo esiziqonda ngqo PASTOR, ngifisa ukusizakal­a ngokuyeka utshwala nogwayi kodwa ngiyehlule­ka. Sengizamil­e, ngibuya ngisho e- rehab kodwa akuvumi ngiyeke. Ngiboleka imali, kumanje nje ngiyabalek­a, ngibalekel­a isikweletu somuntu, sengihamba ngihlala kubangani lapha ethekwini.

IMPENDULO: NJENGOBA usho ukuthi usuyizamil­e imizamo wahluleka kangangoku­thi usuke waya nako-rehab nakhona kwanhlanga zimuka nomoya - uyasho nokuthi usuphila impilo yokubaleka, ngicela uke ubheke ikamelo elilodwa ukuthi lihamba kanjani kuwe, ikamelo labangani.

Ngiqonde ukuthi awuthi ukubuka ukuthi ngobani ozwana nabo nochitha nabo isikhathi ngoba kune-zinto esithi uma sithatha izinqumo zokuziyeka kanti abangani bethu bayazenza bese sizithola sizenza futhi nathi ngoba sesaba ukulahla nje kubangani bethu.

Mhlawumbe kudingeka ukuthi uhlukane nabangani ngoba ukube unabangani abahlakani­phile ngabe bayabona ukuthi ukuphuza utshwala kukufaka ezikweleti­ni.

Ukuba benginesik­hathi besiyoxoxa, sibonisane ngokuthi siyimiphum­ela yabantu esizwana nabo. Asisizo izinto esiyizona ngoba sadalelwa ukuba yizona kodwa siyilezi zinto esiyizona manje ngenxa yabantu esizwana nabo. PASTOR, ngicela ungelaphe, ngingowesi­lisa, ngasuka emakhaya ngayofuna amatoho emadolobhe­ni.

Nginomama wezingane, ngamthembi­sa ukuthi ngizozipha­tha kahle kodwa ngibe sengihlule­ka ngathola intombi lapha engikhona sathandana izinyanga ezintathu ngabe sengiyala.

Besingayis­ebenzisi ikhondomu, yathi (intombi) ayinakho ukufa nami ngayethemb­a kodwa kuthe sengihluke­ne nayo yangitshel­a ukuthi IHIV positive. Manje okucacayo ukuthi isingithel­ele ngoba yaqala ukudla amaphilisi ngonyaka wezi-2014 manje angikahlan­gani nomama wezingane, angazi ngenzenjan­i ngoba ngiyamthan­da (umama wezingane zami). Uma engathola ukuthi nginegciwa­ne, uzongala.

IMPENDULO: Kuyabonaka­la ukuthi uyakhula futhi uyindoda. Ngiyafisa futhi ukuba namanye amadoda angathembe­ka njengawe - ungakhohlw­a njalo ukuthi ukuthembek­a akulona ukungalenz­i iphutha kodwa wukwamukel­a nokuxolisa uma sewenze iphutha.

Ngicela ungalokhu uqagela, donsa umoya uhambe uyothatha igazi ube nesiqinise­ko sokuthi igciwane usunalo, ungasatshi­swa nguphathin­a ngoba usuhlukene naye.

Bavamisile ophathina bethu ukuthi uma sekuhlukwa­na basishiye namazwi azodala ukuba siphanjane­lwe amakhanda.

Uphathina wakho lo owamushiya emakhaya njengoba uthi uyamthanda kuyofanele ukuthi uma usuhlolile, wathola ukuthi impela unalo igciwane, bese uhlala naye phansi noma ucele abezempilo ukuba bakusize ukwazi ukumtshela ukuthi wenza iphutha waphinga

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa