4. NGIFISA UKUYEKA UTSHWALA NOGWAYI
PASTOR, ngashada ngonyaka wezi2008 nomyeni wami kepha kwangena umamezala nosisi bakhe phakathi kwethu ngagcina sengihlala komakhelwane.
Ngiyamkhumbula umyeni wami kodwa umama wakhe akangifuni kangangoba sebemshadisele enye intombi. Sinezingane ezimbili. Ngenzenjani pastor?
IMPENDULO: Ngifisa engabe umhlaba wonke uyayizwa le nto oyishoyo ngoba miningi imizi ewile nobudlelwane obushayekile ngenxa yemindeni engxambukelayo. Uma ngithi imindeni ngichaza omamezala, ngo-anti njalonjalo.
Dadewethu yenza kanje: thatha ingilazi yamanzi uphuze ugwinye, ube nesibindi, uma uqeda lapho uqonde ngqo noma ufonele umyeni wakho umtshele ukuthi uyazisola ngento eyanihlukanisa, ubufisa ukwazi ukuthi njengoba ulahlwa unembeza ikhona yini into esengenzeka phakathi kwakho nomyeni wakho.
Uma eke wakuchitha, wakunqaba bese-ke uphuza enye ingilazi yesibili, uzinike isibindi sokwamukela ukuthi sekuphelile njengoba eyobe esho ukuthi akasakufuni.
Ngiye ngithi kubantu kubuhlungu ukulokhu uzibuza wedwa into okufanele ngabe uyibuza omunye umuntu. Ngiqonde ukuthi kuwe musa ukulokhu uzibuza uziphendula, iya kumuntu okufanele akuphendule. Akuzona zonke izinto nezimo esiziqonda ngqo PASTOR, ngifisa ukusizakala ngokuyeka utshwala nogwayi kodwa ngiyehluleka. Sengizamile, ngibuya ngisho e- rehab kodwa akuvumi ngiyeke. Ngiboleka imali, kumanje nje ngiyabaleka, ngibalekela isikweletu somuntu, sengihamba ngihlala kubangani lapha ethekwini.
IMPENDULO: NJENGOBA usho ukuthi usuyizamile imizamo wahluleka kangangokuthi usuke waya nako-rehab nakhona kwanhlanga zimuka nomoya - uyasho nokuthi usuphila impilo yokubaleka, ngicela uke ubheke ikamelo elilodwa ukuthi lihamba kanjani kuwe, ikamelo labangani.
Ngiqonde ukuthi awuthi ukubuka ukuthi ngobani ozwana nabo nochitha nabo isikhathi ngoba kune-zinto esithi uma sithatha izinqumo zokuziyeka kanti abangani bethu bayazenza bese sizithola sizenza futhi nathi ngoba sesaba ukulahla nje kubangani bethu.
Mhlawumbe kudingeka ukuthi uhlukane nabangani ngoba ukube unabangani abahlakaniphile ngabe bayabona ukuthi ukuphuza utshwala kukufaka ezikweletini.
Ukuba benginesikhathi besiyoxoxa, sibonisane ngokuthi siyimiphumela yabantu esizwana nabo. Asisizo izinto esiyizona ngoba sadalelwa ukuba yizona kodwa siyilezi zinto esiyizona manje ngenxa yabantu esizwana nabo. PASTOR, ngicela ungelaphe, ngingowesilisa, ngasuka emakhaya ngayofuna amatoho emadolobheni.
Nginomama wezingane, ngamthembisa ukuthi ngizoziphatha kahle kodwa ngibe sengihluleka ngathola intombi lapha engikhona sathandana izinyanga ezintathu ngabe sengiyala.
Besingayisebenzisi ikhondomu, yathi (intombi) ayinakho ukufa nami ngayethemba kodwa kuthe sengihlukene nayo yangitshela ukuthi IHIV positive. Manje okucacayo ukuthi isingithelele ngoba yaqala ukudla amaphilisi ngonyaka wezi-2014 manje angikahlangani nomama wezingane, angazi ngenzenjani ngoba ngiyamthanda (umama wezingane zami). Uma engathola ukuthi nginegciwane, uzongala.
IMPENDULO: Kuyabonakala ukuthi uyakhula futhi uyindoda. Ngiyafisa futhi ukuba namanye amadoda angathembeka njengawe - ungakhohlwa njalo ukuthi ukuthembeka akulona ukungalenzi iphutha kodwa wukwamukela nokuxolisa uma sewenze iphutha.
Ngicela ungalokhu uqagela, donsa umoya uhambe uyothatha igazi ube nesiqiniseko sokuthi igciwane usunalo, ungasatshiswa nguphathina ngoba usuhlukene naye.
Bavamisile ophathina bethu ukuthi uma sekuhlukwana basishiye namazwi azodala ukuba siphanjanelwe amakhanda.
Uphathina wakho lo owamushiya emakhaya njengoba uthi uyamthanda kuyofanele ukuthi uma usuhlolile, wathola ukuthi impela unalo igciwane, bese uhlala naye phansi noma ucele abezempilo ukuba bakusize ukwazi ukumtshela ukuthi wenza iphutha waphinga