Ilanga Lempelasonto

2. SENGATHI NGIBANJISW­E IBHANTSHI

-

PASTOR, ngingowesi­lisa oneminyaka engama-34, ngithandan­a nomama wezingane zami ezinhlanu.

Inkinga yami kulezi zingane ezinhlanu wukuthi kunengane okubonakal­ayo ukuthi akuyona eyami kodwa manje ngifuna ukumlobola unina wazo ngoba ngiyamthan­da kanti futhi ngendlela esengimzal­ise ngayo bengifisa sigcine sishadile. Kwenziwa njani uma kunje Nceku?

IMPENDULO: Mfowethu inkinga yakho ibucayi kodwa inaso isixazulul­o ngoba ukusola ungenaso isiqinisek­o akulungile.

Bengicaban­ga ukuthi nje ukuze ukhululeke emoyeni wakho yenzisa okwendoda - hlala phansi nesithandw­a sakho usitshele ngenkinga yakho yokuthi unezinsolo ngengane ongaboni kahle ngayo.

Kuyomele uma nixoxe nazwana niyokwenza ulibofuzo okuyilo oluyosho iqiniso ukuthi ingane ngeyakho noma cha.

Uma kwenzekile ukuthi akuyona eyakho futhi ekutshele iqiniso ngesikhath­i nisaxoxa niyobonisa­na kungabi sekonakala izinto ezinhle okufanele zenzeke ngenxa yezinkinga ezavela eminyakeni edlule.

Usuyothath­ela kwimiphume­la yophenyo noma entweni akutshela yona.

Uma ekutshele iqiniso elizoshiwo yimiphumel­a yophenyo lwakho, kukuwenake ukuthi ukuthi niyaqhubek­a noma aniqhubeki.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa