2. SENGATHI NGIBANJISWE IBHANTSHI
PASTOR, ngingowesilisa oneminyaka engama-34, ngithandana nomama wezingane zami ezinhlanu.
Inkinga yami kulezi zingane ezinhlanu wukuthi kunengane okubonakalayo ukuthi akuyona eyami kodwa manje ngifuna ukumlobola unina wazo ngoba ngiyamthanda kanti futhi ngendlela esengimzalise ngayo bengifisa sigcine sishadile. Kwenziwa njani uma kunje Nceku?
IMPENDULO: Mfowethu inkinga yakho ibucayi kodwa inaso isixazululo ngoba ukusola ungenaso isiqiniseko akulungile.
Bengicabanga ukuthi nje ukuze ukhululeke emoyeni wakho yenzisa okwendoda - hlala phansi nesithandwa sakho usitshele ngenkinga yakho yokuthi unezinsolo ngengane ongaboni kahle ngayo.
Kuyomele uma nixoxe nazwana niyokwenza ulibofuzo okuyilo oluyosho iqiniso ukuthi ingane ngeyakho noma cha.
Uma kwenzekile ukuthi akuyona eyakho futhi ekutshele iqiniso ngesikhathi nisaxoxa niyobonisana kungabi sekonakala izinto ezinhle okufanele zenzeke ngenxa yezinkinga ezavela eminyakeni edlule.
Usuyothathela kwimiphumela yophenyo noma entweni akutshela yona.
Uma ekutshele iqiniso elizoshiwo yimiphumela yophenyo lwakho, kukuwenake ukuthi ukuthi niyaqhubeka noma aniqhubeki.