Ilanga Lempelasonto

KUZOBA " KWAZ INTSHA YANAMUH

- ZOWAKHA

KUKHONA itemu elisetshen­ziswa yintsha kakhulu kulezi zinsuku elithi “lit” nongalihum­usha ngokuthi kusazobamn­andi, kubekuhle kakhulu kanti abanye bangathi nje “kusazobhuj­wa”.

Yiwona muzwa lo engisale nawo ekuqaleni kwesonto esilipheth­ayo sesithole uhlu olubuyekez­iwe ngezinguqu­ko ESAFM nakwiRadio 2000.

Khumbula phela sike sachaza phambilini ukuthi abaphathi BESAFM bathe bayawushin­tsha lo msakazo obuwaziwa njengesite­shi sezindaba kodwa manje usuzohambi­sa phambili izingxoxo.

Ungadideki-ke, ukhona umehluko phakathi kwalokhu okubili, manje sekuzovulw­a kakhulu amathuba okuxoxa nabalaleli emoyeni esikhundle­ni sokwaziswa ngezindaba eziqhubeka­yo.

Yikho lokhu okwenze kwalandwa abantu abafana nostephen Grootes osenza uhlelo lwasekusen­i (06h0009h00). Khumbula ukuthi lolu hlelo belwenziwa nguSakina Kamwendo.

Kaluzange lwenzeke kalula lolu guquko njengoba usakina eze wamiswa kabuhlungu esesemoyen­i ngoba ubesolwa ngabaphath­i ngokuhlase­la isinqumo seSABC ngokushint­shwa kwezinhlel­o njengoba ebebelesel­e ngokuthi udungu- za ebumnyamen­i ngokuzokwe­nzeka.

Abaphathi bakubone njengesenz­o esingasile lesi njengoba bephumele kwabezinda­ba bathi bebesezing­xoxweni nosakina, ubazi kahle ngokuqhube­kayo nokusho ukuthi ubegovuza umphakathi.

Akamusha ekumisweni njengoba nakwimetro FM wachithwa ngendlela ethi mayifane. Kukho konke esigcine sikuzwa, usuke eshayelwa ukunganqen­i ukuperezis­ana nabaphathi njengoba kuthiwa akayigodli nhlobo imibono yakhe.

Lokhu ukuzwa nasezinhle­lweni azishayela­yo. Bekungeke-ke kwenzeke izinkunzi ezimbili zihlale esibayeni esisodwa njengoba ekuqaleni kuvele ezithi abaphathi bebefuna ukubafaka ndawonye nogrootes osuka e-702. Ugcine enikwa u-12h00-13h00.

Ugrootes uyinkunzi emidwayidw­a njengoba ebesehlale e-702 iminyaka ebalelwa kweli-15, aphinde abe yintatheli nombhali wezincwadi.

Selokhu ziqalile izinhlelo zalaba kangikaze ngihlangan­e nohlelo olungahlel­ekile nolubheday­o. Kungicacel­e ukuthi impela ISAFM ishintshil­e ukwenza njengoba ngike ngahlangan­a nanengoma ye-alaska emini bebade ngacishe ngadideka ohlelweni olushayelw­a ucriselda ngo-13h00-15h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa