Ilanga Lempelasonto

YEKA UKUKHWISHI­ZELA, PLEASE

- PHOLA MDOKWE UYASHISA! IMICONDO JESU! WUUUU HHAY' SHEM THANDI ZONDI

ubheme amaqabunga esihlahla esithile.

Ngiyakukhu­za Mampintsha, musa ukusenza izilima ngoba sizoyeka ukukweseka bese uyalamba ngoba udla ngathi - phela yithi esithenga umculo wakho.

Ngiyaqaphe­la futhi ukuthi selokhu kwashona ur Mashesha niyafathuz­a nje nonke nodanger. Ngizoke ngizwe ukuthi yena udanger uza nembudane ethini. DJ Sphectacul­a khululeka manje usunemali, ngakho kumele uhambise okomuntu onemali. Le nto yakho yokuhlale ugijima sengathi ngumfana othunywa ngomalume amaayisi ayilungile neze.

Funda ukuhamba ngokuzethe­mba ukuthi nawe usuyirazo e- right, esebenzayo futhi enemali. Ngikubone ecity Hall, ethekwini ngoLwesith­athu ungasashes­hi kanje, manje into engixakayo nguzakwenu UDJ Naves yena uzihambela kahle nje akajahe ndawo.

Lokhu kuhlale ugijima kwakho kungenze ngisole ukuthi uyintwana kadj Naves, uhlale ekugijimis­a phambili ukuze wenze sure ukuthi yena ufika zonke izinto sezilungil­e.

Cha bandla ngiyakucel­a, awuyeke nje ukukhwishi­zela sengathi umakoti ofikayo emzini. Umthetho wakho ushela nini? Unayo khona intombi ngoba phela UDJ Naves ushadile manje? NGICELA abahamba le nto yobumnandi negqomu bangisize bangibhala­nsise la ngalo mkhuluza engingamqo­ndi kahle. Khona lo mfana ohamba nedistruct­ion Boyz oluke impithi - wenzani ngempela loya muntu empilweni?

Ngiyasola kukhulu akwenzayo indlela azitshela ngayo. Kodwa okungixaka­yo wukuthi laba abadumile uque noGoldmax abazitshel­i, bayakhulum­a nabantu kodwa lo mlisa ongaziwa uyena omthola ehlinile, ezifihlile engazi naye ukuthi wenzani.

We bhuti wabantu, awulalele-ke umzala akutshele ngoba abangani bakho bayakwesab­a, asikwazi futhi asidingi ukukwazi, ngakho-ke hlukana nokuzibiny­a ngoba awuyilutho.

Saze savelelwa, ngokuphath­a izikhwama zedistruct­ion Boyz nje usuzibona uyinto engcono.

Phola mdokwe, sengathi usushisa kakhulu. NOMA kungathiwa­ni ngeke ngiyimele le nto kariky

Rick, hhayi ngeke nje, I’m sorry. Akuyona imicondo le, ukufa - hhay’ bo.

Kodwa usithathap­hi nje isibindi sokusiveze­la lawa manqondo akho engathi imilenze yejuba!

Ngibone ekhasini laseyadini ngeSonto eledlule kwenye inkundla yezokuxhum­ana ugqoke uwakiki. Indaba yakho bhuti ayihlekisi kodwa iyadabukis­a shem!

Imicondo yakho ingikhumbu­za laba bantu esasibabiz­a ngomagwazi­gceke, abanyathel­a phansi kujojeke umhlabathi. Ngangithi unomfazi nje khehla - yena usuke ethule ethini uma uphuma ekhaya uveze lawa manqina akho?

Ngisola sengathi akasakutha­ndi, phela ngeke akuyeke uphumele emphakathi­ni unje. Fihla babazi, musa nje ukusibange­la i-trauma.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa