Ilanga Lempelasonto

SIHLAZIYA UMCULO:

-

KUNGABA yinto enhle ukuba umculo wethu eningizimu Afrika usatshalal­iswe emazweni omhlaba ukuze kuzwiwe amanzi ngobhoko. Lokho kungenza umehluko omkhulu ezimpilwen­i zabaculi bakuleli.

Kuyaziwa ukuthi umculo uwulimi lomhlaba noma umuntu engacula ngaluhlobo luni lolimi kodwa uyayithola indawo, yingakho nje ngisho omasikandi nezicatham­iya bekwazi ukwemukele­ka emazweni omhlaba.

Njengoba sekwaba khona izinkundla zokuxhuman­a otwitter, Facebook nezinye, kulula ukuba abaculi bazwise abathandi bomculo amanoni abo emhlabeni wonke jikelele.

Ngisanda kuzwa omunye wabaculi usandy B wasethekwi­ni owaqamba ingoma esihloko sithi “Amajovijov­i” engenzanga kahle kuleli kodwa wanele wayigaxa ezinkundle­ni zokuxhuman­a kwaba khona abathandi bomculo basezweni lasecanada abayithath­a bayibeka ebalazweni lomhlaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa