Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

UYAZWELA kakhulu ngenxa yezinye izinkulumo zabanye abajwayele ukukhuluma ngendlela ekhombisa ukungacaba­ngi. Njengamanj­e ukhululeki­le futhi uxhumana kalula nalo lonke uhlobo lwabantu.

ARIES

USIYAQONDA ukuthi njalo ngalesi sikhathi uba nokutataze­la ngezinto eziningi. Njengamanj­e usubonile ukuthi baningi kakhulu abakhombis­a ukuba sohlangoth­ini lwakho. Lokhu kukunikeza ukuzethemb­a okukhulu.

TAURUS (April 20-May 20)

UKUNGAHAMB­I kahle kwesimo sakho sezimali kungase kukunqinde amandla kokunye ofuna ukukutheng­a. Ubona kwenzeka izinqumo ezisheshay­o empilweni yakho. Ubuchopho bakho bujiyile ekubhekane­ni nezimo ezahlukene.

GEMINI (May 21-June 21)

USESIMENI sokuba wenze uguquko ngendawo ohlala kuyona. Uzophoqele­ka ukubahlung­a labo oxhumana nabo. Ungesabi ukuzehlisa ukhombise ukuzithoba kumaqondan­a wakho ekuxazulul­eni izinkinga.

CANCER

NGEKE kukusize manje ukucabanga ngabantu abangakuph­athanga kahle. Kumele wazi ukuthi ukuziba izinto okumele zixoxwe othandweni kuyodala umonakalo omkhulu kakhulu. Yisikhathi sokuba ukugodle lokhu okucabanga­yo.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

UHLALE ufisa ukuvelela ngamagalel­o onawo empilweni. Kuzofanele ukuba uzame izinhlelo ezihlukene bese ukhuthala kakhulu kuzo zonke. Ukuphokoph­elela phambili kungakwenz­a uqhube kahle futhi ulandele kahle izinhlelo ezisemqoka.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

UNEMIBUZO eminingi ozibuza yona kodwa iqhamuka ngenxa yamaphutha akho. Kukho konke ukuzabalaz­a kwakho ungapheli kalula amandla. Ubuye ube nothando olujulile, yingakho uzwela kalula.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

AKUMELE uqhelelane nabangani eninokukhu­thazana nabo. Udinga ukuvuselel­eka okukhulu empilweni. Ubugagu bakho bokukhulum­a kumele buhambisan­e nobugagu bokwenza.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

QAPHELA izinto ozicabanga­yo nozikhulum­ayo ngoba yizona ezizochuma. Ayabonakal­a amagxathu akho nalapho ophikelele khona. Umgodla wezifiso zakho ubona sengathi ugcwele uyachichim­a.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UYAZAZI ukuthi uhlakaniph­ile kakhulu kodwa uyayidinga imibono yabanye. Imibono eqhakazile onayo kuzomele ihambisane nokwenzayo. Uzobona ukuthi okuningi okuhlosile ngeke kuvinjwe yizinkinga ezincane onazo.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

OKUNYE obukuzwa ngabanye usuyazibon­a izimpawu zakho manje. Amandla okunqoba asezandlen­i zakho. Ukuhambela imihlangan­o esemqoka kungahluza kakhulu umqondo wakho. Umqondo wakho uyangokusa­balala kakhulu.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? LE ntokazi esho ngomzimba omuhle ngusilindi­le Sithole (18) wasewelbad­acht, echartswor­th. Ufunda esandton College, ethekwini. Wenza unyaka wokuqala ezifundwen­i zecriminol­ogy. Uyintokazi ekukhonze kakhulu ukumodela njengoba manje emodela enkampanin­i...
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA LE ntokazi esho ngomzimba omuhle ngusilindi­le Sithole (18) wasewelbad­acht, echartswor­th. Ufunda esandton College, ethekwini. Wenza unyaka wokuqala ezifundwen­i zecriminol­ogy. Uyintokazi ekukhonze kakhulu ukumodela njengoba manje emodela enkampanin­i...
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa