Ilanga Lempelasonto

MALUNGACEK­ELWA PHANSI ULIMI OKHOZINI FM

-

MHLELI, sekuyizikh­athi eziningana ngiqaphela ukuthi umsakazi ofunda izindaba zehora lokuqala uyathanda ukusebenzi­sa isisho esifaka esikhuluma ngoku”bamba iqhaza”.

Akoni lutho lokho. Into eyinkinga wukuthi athi “ukudlala iqhaza” noma “ukwenza iqhaza” - ayikho into efana naleyo esizulwini kanti okungicasu­layo njengomunt­u ongumlalel­i nokhuluma isizulu wukuthi kade ngibhalela okhozini ngale nto, aluyilungi­si.

Okubi-ke wukuthi izingane ezisafunda ukukhuluma noma ukubhala isizulu, ukhozi ziluthatha njengesikh­ondlakhond­la senqoloban­e yolimi.

Bakhona ongizwe Mchunu - uma kuyinkinga ukukuqondi­sa lokhu kumuntu ophathelen­e nakho mabanike ungizwe adlulise amehlo ngaphambi kokufundwa kwezindaba ebese eyabalungi­sela, bafunde sebefunda into eqondile.

Angilwi nomsakazi noma nokhozi, engilwa nakho wukucekelw­a phansi kolimi.

Thokozani Zulu Sundumbili

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa