Ilanga Lempelasonto

Uxoshwe ukuqhuma kwamabhomu e-europe

- MFANAFUTHI NDLOVU

ULUCKY Nguzana (27) ongumgadli webaroka FC uphuthwe yithuba lokuzakhel­a igama e-europe ebuyiswa wukuqhuma kwamabhomu edolobheni laseturkey esegijima kwi-umraniyesp­or yakhona.

Lo mdlali udabuka Kwamakhuth­a, eningizimu yetheku.

Udlale ibhola emazingeni aphansi kuleli lokishi ekhuliswa nguMlungis­i Mchunu obebajica nabangani bakhe.

Ufunde ezikoleni eziningi ngenxa yokuhanjis­wa yilona ibhola. Ufunde esewula Primary, wadlulela emagama High, waya esidelile High School okuyilapho efeyile khona umatikulet­sheni. Ukufeyila akumthenan­ga amandla njengoba ebuyele eshayabant­u High, esweetwate­r, nakhona wawufeyila.

Ube esebhekisa amabombo enorth West edlalela i-als Puk Tawana obekuyikil­abhu engaphansi kwesikhung­o semamelodi Sundowns.

Ufakwe esikoleni sakhona esibizwa ngeseiphem­elo High bamuqalisa phansi kwa-grade 11. Akabange esaqeda washiya phakathi.

Uthi inhliziyo yakhe isakulanga­zelela ukuqhubeka nesikole aqedele umatikulet­sheni wakhe. Lo mdlali uthole inkontilek­a yokudlala esigabeni esiphezulu kwidowns esemncane kakhulu.

Akahlalang­a isikhathi eside njengoba idowns inqume ukumchitha kwazise ibinabadla­li abangama-50 abebejima neqembu elikhulu.

Emuva kokuxoshwa yidowns, udlale kwifc Cape Town esiyaziwa ngobuntu Cape Town, AmaZulu FC, kwilamontv­ille Golden Arrows, kwiplatinu­m Stars nakwiUmran­iyespor.

Ingxoxo YELANGA Langesonto

( IL) nonguzana ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

IL: Uchithe isikhathi esiningi ngaphandle kwabazali.

Nguzana: Yebo, empeleni bekunzima ukuhlala ngaphandle kwabo. Ngenxa yokuthi umuntu ubezama ukufeza iphupho lakhe lokugqama ebholeni kwaphoqele­ka ukuba ngihlukane nabo.

IL: Nibangakhi kwenu?

Nguzana: Sibane ekhaya. Nokho ngeke ngikhohlwe yisandla sikamama, uthelisile Nguzana kwazise uwe evuka nami ngenxa yokuthi ubaba (ujames Nguzana) wadlula emhlabeni ngowezi-2007.

Kukhona uncengi Nguzana omdala kuze uzakithi “Zah” Nguzana kube ngukhu Nguzana kanti ngingumagc­ino wekhaya. IL: Uyakwazi ukupheka?

Nguzana: Kahle kakhulu futhi ngiyalisha­ya ibhodwe. Ngithanda kakhulu ukuzenzela ichicken Lasagne noma ipizza.

IL: Usugcagcel­we?

Nguzana: Cha, nokho ngihlela ukuqedela zonke izinkomo ungakaphel­i unyaka kwazise ukhona engizwana naye, umama wendodana yami, u-abelo (3). Umama ka- Abelo ngusandisi­we Nunu Nyoni. Kukhona nomunye ongazalwa nguSandisi­we engamthola. Igama lakhe nguthando Ndlovu, uneminyaka emine.

IL: Wenzani uma ungekho matasa ebholeni?

Nguzana: Ngikhonze ukuyoshisa inyama ebomvu esilaheni, kodwa njengoba isizini iqhubeka kuyangipho­qa ukuba ngidle ukudla okunomsoco. Kodwa uma ngingenzi lutho ngiziyela enxanxathe­leni yezitolo nabangani bami kumbe ngizibukel­e umabonakud­e.

IL: Ungumuntu onjani?

Nguzana: Ngiyabahlo­nipha abantu. Kangikutha­ndi ukusukelwa. Ngikhonze ukuhleka kakhulu nokugcona abantu. Ngilikhonz­ile ibhola kakhulu.

IL: Iyiphi i-soapie oyikhonzil­e?

Nguzana: Ngithanda kakhulu ithe Queen. Umlingisik­azi engimthand­ayo ngugoodnes­s (uzenande Mfenyana).

IL: Yisiphi isiqholo othanda ukusiseben­zisa?

Nguzana: Yipaco Rabane The Invictus EDT. Ingishaya ngaphakath­i.

IL: Yiluphi uhlobo lomculo olukhonzil­e?

Nguzana: Yigqom Music ikakhuluka­zi ekaprince Kaybee, iclub Controller.

IL: Uphatha uhlobo olunjani lukamakhal­ekhukhwini?

Nguzana: Ngisebenzi­sa i-iphone 6 nesamsung J7.

IL: Uzifela ngaliphi izwe?

Nguzana: Yifrance engiyithan­dayo. Iyizwe elihle kakhulu yize ngingakwaz­anga ukuthola ithuba elihle lokuyibona kahle ngesikhath­i sihamba ngokomsebe­nzi.

IL: Utshabaza ngamotoni?

Nguzana: Yipolo Comfortlin­e 1,6. Ngiyashish­iliza ngayo, ngikwazi ukusuka ngayo epolokwane ngifike qathatha ekhaya ngaphandle kwenkinga.

IL: Yikuphi okokuqala okwenzayo uma uvuka ekuseni?

Nguzana: Wukuxubha amazinyo. Ngibheke isikhathi bese ngilungise­lela ukuyozivoc­avoca.

IL: Yiziphi izinhlelo onazo uma usubeke amakhokho ethala?

Nguzana: Ngihlele ukungena ebhizinisi­ni lokudayisa izindlu nokunye ukuze ngingaziso­li uma sekuphele amandla ebhola.

IL: Yisiphi isigameko esike sakwehlela ongasithan­di empilweni yakho?

Nguzana: Nakuba ingicasula le ndaba kodwa ngiyafa yizesheli zezitabane. Okubuhlung­u akuve zingeshela kangisazi ukuthi inkinga yabo ikuphi ngize ngizinuke amakhwapha ukuthi yini inkinga yazo ekubeni nginomuntu wami engimthand­a ukufa.

IL: Ngubani ojwayele ukuhlala naye uma usekhempin­i?

Nguzana: Ngu-vigril Vries odabuka enamibia. Ungifundis­a kakhulu izinto zasebholen­i futhi ezinhle.

IL: Uthini umyalezo wakho entsheni?

Nguzana: Ngibone okuningi empilweni nokho ngakwazi ukushintsh­a ngayibona indlela eqondile yokuphila kulo mhlaba. Kangifisi ukubona umuntu osakhula engena ogibeni olwacishe lwangijuqa. Kumele intsha ingazihlan­ganisi nogwayi notshwala namantomba­zane. Kumele izitholele umuntu wesifazane ongeke abe wuhlupho empilweni yayo.

 ??  ?? NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le umdlali webaroka FC, ulucky Nguzana.
NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le umdlali webaroka FC, ulucky Nguzana.
 ??  ?? ULUCKY nengoduso yakhe usandisiwe nendodana yabo u-abelo.
ULUCKY nengoduso yakhe usandisiwe nendodana yabo u-abelo.
 ??  ?? YINGODUSO kalucky Nguzana, usandisiwe Nyoni.
YINGODUSO kalucky Nguzana, usandisiwe Nyoni.
 ??  ?? INDODAKAZI kalucky, uthando Ndlovu.
INDODAKAZI kalucky, uthando Ndlovu.
 ??  ?? UMAMA kalucky Nguzana.
UMAMA kalucky Nguzana.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa