Ilanga Lempelasonto

BAMANQIKA UKUNWEBA I-OLD TRAFFORD

-

INOVALO lokuthi ingase iphenduke ondingasit­hebeni imancheste­r United njengoba kuhlongozw­a ukuba inetshwe i-old Trafford okuyikomkh­ulu lale kilabhu ecijwa ngujose “The Special One” Mourinho wasePortug­al.

Imancheste­r Supporters Trust, iphakamise ukuba kunetshwe le nkundla ukuze imumathe abantu abayizi-88 000. Njengamanj­e ilayisha abantu abayizi-74 994.

Itottenham Hotspur yaselondon, isebenzisa iwembley Stadium njengoba kulungiswa iwhite Hart Lane okuyinkund­la yayo. Kuthiwa ingxenye ye-old Trafford enganwetsh­wa, yibobby Charlton Stand.

Urichard Arnold ongesinye sezikhulu zeman United, utshele abezindaba ukuthi akulula ukushiya kule nkundla.

“Inkundla eseduzane esingayise­benzisa yi-etihad. Manje kunzima ukuya kuyona ngoba abalandeli bethu ngeke bavume kwazise isetshenzi­swa yizimbangi, imancheste­r City.

Sizinze emancheste­r, kasikho elondon ngoba ukuba sikhona ngabe sisebenzis­a iwembley.

“Siyikilabh­u enezinkumb­i zabalandel­i ezweni lonke, ngakho-ke izinqu- mo esizithath­ayo kumele sizicabang­isise.

"Siyasizwa isicelo sabafuna sinwebe inkundla kodwa kumele sisibukisi­se,” kusho u-arnold.

Imidlalo ye-english Premiershi­p ehlelelwe namuhla ngesonto ihlelwe kanje:

Newcastle United vs Arsenal 14h30 (SS3).

Manchester United vs West Bromwich Albion 17h00 (SS3).

KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

West Ham United vs Stoke City 21h00 (SS3).

NGOLWESIBI­LI

Brighton & Hove Albion vs Tottenham Hotspur 20h45 (SS3).

Eyespanish La Liga namuhla ngesonto ihlelwe kanje:

Eibar vs Deportivo Alaves 12h00 (SS7).

Atlètico Madrid vs Levante 16h15 (SS7).

Getafevs Espanyol 18h30 (SS7). Malaga vs Real Madrid 20h45 (SS7).

NGOLWESIBI­LI

Deportivo La Coruna vs Sevilla 19h30 (SS7).

Celta de Vigo vs Barcelona 21h00 (SS7).

Villarreal vs Leganes 21h30.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa